... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Impilo Yakho Entsha Ifanelwe Ukuba …

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseKolose 3:12 Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade

Listen to the radio broadcast of

Impilo Yakho Entsha Ifanelwe Ukuba …


Download audio file

Uma izinto zingahambi ngendlela obuhlele ngayo,uma abanye bengawudlali umdlalo ngendlela owuthanda ngayo,kulula ukubasola kumbe usole izimo zakho ;ngisho nokusola uNkulunkulu imbala .Kuyinto evese izenzekele ngokwemvelo . 

Siphila emhlabeni lakhona abantu beqhubeka bebeka icala kwabanye ngezinto ezibehlelayo ,kumbe balibeke kuhulumeni ,umnotho kumbe …nanoma ubani umunwe oqondana naye ukumkhomba . 

Kodwa ukubuka esibukweni,ukumukela imiphumela yezinto oqhutshwe kuzo yinhliziyo yakho  nengqondo yakho ,inkambo yakho ….mase kuziwa ngalapho lutho sanhlobo .Kulokho cha impela sima kude le! Umcabango uze uthi kungani kumele lomthwalo ubhekane nami,kungani kumele ngiguquke ngoba phela kulula nje okwami ngukusola lo omunye umuntu ,icala ngilibeke kuye .Sonke sikwenzile lokho ,abanye bakwenze ngisho phakathi kubantu bakaNkulunkulu  ,abanye basakwenza ,futhi basazoqhubeka bekwenza kungenzeka futhi bangakuyeki . 

Ngolunye usuku ngangikhathele ngiyimvithi .Abanye abantu bafika ngokohlelo lokuhlangana okwakuzoba ngukuthwithwa itiye okuncane kwantambama,kodwa esikhundleni salokho babelokhu behleli ,lutho ukuvalelisa bahambe .Ngalowomzuzu mina ngaphakathi yayisibambene ngoba ngase sengifuna ukuba nelami ithuba ngingedwa . 

Manje wenzenjani uma into enjalo yenzeka ,okuyinto nembala eyenzekayo ?

KwabaseKolose  3:12Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade

Asenze lokhu kulesisimo engisanda kusichaza .Ngenxa yothando lukaNkulunkulu ,ngoba usikhethile wasibiza ngegama elihlukile ,simelwe ukuguquka ,ukuphila impilo ,siveze umusa kwabanye abantu.

Lokho kunjani ? ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade

Umfundisi nomfelikholo ,u- Dietrich Bonhoeffer wake wathi :  Ukwazi uNkulunkulu wukuguquka !

Ukhiye woguquko ngukumema uNkulunkulu emicabangweni yakho,emizweni yenhliziyo nasezenzweni zakho .

#Bamba lokhu : Ukuguquka kwenze kube ngumsebenzi wakho  

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.