... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Indaba Yenhliziyo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KuMaHebheru 11:4 Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunoKayini, athola ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu uqobo efakaza ngezipho zakhe; nangakho usakhuluma, noma efile.

Listen to the radio broadcast of

Indaba Yenhliziyo


Download audio file

Cishe sewuke wezwa ukuthi ngaphandle kokukholwa akukho ukumthokozisa uNkulunkulu .Kuliqiniso lokho,kuqhamuka eZwini likaNkulunkulu ,iBhayibheli-KuMaHebheru 11 indima ye-6.Kodwa lokho kuthini ingempela ezimpilweni mina nawe esiziphilayo usuku nosuku ,ungasho?  

Ngiyakuthanda ukuzama ukweza iZwi likaNkulunkulu lenze umqondo phakathi  nezimo zokuphila eziluqobo oluphathekayo.Ekugcineni kosuku uma uzokholwa nguJesu ,uma uzomlandela [okuyinto ehlala njalo ibandakanya izivivinyo nokuzinikela zikhathi zonke !] ufuna konke kwenze umehluko omkhulu onamandla omuhle empilweni yakho ,amen? 

Yebo,indima nje encane phambi kwaleyonkulumo ekuleyoncwadi  –ngaphandle kokholo akukho ukumthokozisa uJehova –iNkosi isinika impilo ephathekayo,impilo yangempela eyisibonelo esichazayo ukuthi kuthini lokho  .

KuMaHebheru  11:4 Ngokukholwa u-Abela wanikela

kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunoKayini, athola ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu

uqobo efakaza ngezipho zakhe; nangakho usakhuluma, noma efile.

Manje uKhayini no Abela babe bengamadodana kaAdamu no Eva.UKhayini wagcina esebulala umfowabo  ngenxa yomona ,ngoba nakhu uNkulunkulu emukele umnikelo kaAbela owakhe wangawumukela .Manje kungani uNkulunkulu wayethokozile ngo Abela kodwa wamenqaba  UKhayini?

Yebo ,ngoba u Abela wanikela umnikelo wakhe  ngokholo ekholwa ngukuthi muhle uNkulunkulu, kanti u Khayini wayenza isenzo sezenkolo nje egcwele ububi enhliziyweni yakhe okufakazelwa ngukubulala umfowabo  .

Uma kuya ngoba uzithola nawe sewenza isenzo nje sezenkolo ,yithuba leli lokuguqula inhliziyo yakho ,ngoba ngaphandle kokholo akukho lula ukumthokozisa uNkulunkulu . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.