... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Intokozo Phakathi Engxakini

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 119:143 Ukuhlupheka nosizi kungehlele; imiyalo yakho iyintokozo yami.

Listen to the radio broadcast of

Intokozo Phakathi Engxakini


Download audio file

Ngingakubuza ukuthi yini ekunika intokozo empilweni ?  Eqhulwini lobuwena ekujuleni ngaphakathi yini egcwalisa ukuthokoza kuwe ?  Futhi kwenzekani kuleyontokozo yakho uma izinto  seziphenduka ziba muncu? 

Uthi uzakwethu okunye kwezinto eziye zimnike intokozo ngukubona umzukulu wakhe oneminyaka emithathu  eza ekhaya lakhona ezobona ugogo nomkhulu .Uthi ehleli edeskini asebenzela kulo ekhaya ezwe isicabha sivuleka  qede ezwe izigi eza egijima enqanqatheka  ememeza ethi “mkhuuulu mkhuuulu”  qede bese amhage .Yeka  leyontokozo ! 

Kodwa manje inkinga lusuku lumbe uzokhula lomzukulu . Ngolunye usuku kungenzeka engakujabuleli ngalendlela ukuzobona umkhulu  njengokuba namhlanje ekwenza .Futhi nebala kunjalo ngisho nangezinto esizibona ziphambili lomhlaba osithembisa zona . Ekugcineni kwakho konke kunesikhathi lakhona sonke sifikelwa wukuxakeka ,ngobekusithokozisa .Izikhathi ezinzima mase  ligaya ngomunye umhlathi empilweni .Bekunganjani mangase kuthiwe kunento ekwazi ukukulethela intokozo ,khona kanye uphakathi kwalezozinto na kumuncu ? Umbhali wehubo uthi: 

Amahubo  119:143 Ukuhlupheka nosizi kungehlele; imiyalo yakho iyintokozo yami.

Uyazi kunento ekhethekile enhle ngokwenza okuhle ,ukwenza intando kaNkulunkulu kulezokhathi ezinzima ;uyazizwa izinhlungu ngaphakathi kodwa khona kunjalo ukhethe ukulandela ubizo lukaNkulunkulu ngempilo yakho,ngenhloso yokumnika iqholo elimfanele  ngokulandela izindlela zaKhe ,imiyalelo yakhe,nakuba igxathi ngalinye ulizwa libuhlungu .

Ungaba nezinyembezi zehla zigeleza ebusweni bakho  kodwa khona kanye kulesosimo ,uyazi intokozo kaNkulunkulu futhi mhlawumbe phezu kwazo zonke ezinye izikhathi . 

Ukuhlupheka nosizi kungehlele; imiyalo yakho iyintokozo yami.

Elinye ihumusho lesiNgisi : Nakuba nginezinhlupheko nezikhathi ezinzima ,nokho imiyalelo yakho iyintokozo kimi 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.