... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Intshisekelo Yakho,Ubizo Lwakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 15:16 Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.

Listen to the radio broadcast of

Intshisekelo Yakho,Ubizo Lwakho


Download audio file

Angazi usuke uzibuke uzibone njengomuntu osembenzini  wezithelo,ukhiqhize , uhlanganise qede usabalalise izithelo ezinhle .Ngoba uma  ungumlandeli ngqo kaJesu yiwona msebenzi kanye lowo okuwona. 

Into ekhona ngawe ngukuthi umuhle ngokuhlukile ngokunguwe kuphela [unique].Phezu kwabo bonke abantu abangu  8 billion abakulomhlaba njengamanje ,singayiphathi nje eyalabo asebake bakhona nalabo abasazoba khona emva kwakho , akukaze kube khona futhi akekho oyoba khona ofana nawe ,unguwe unguwe ,wena wedwa phaqa ! 

Yeka umcabango onamandla kangaka ukwehlela ekhanda lakho qede ucabangise umqondo wakho. Unguwe wedwa phaqa onguwe kulomhlaba akekho noyedwa onguwe ! Okuchaza ukuthi unezinto onentshisekelo ngazo ezingeke zangena kwakungena engqondweni yami ,izinto okwazi ukuzenza thina sonke  abanye esingeke sazenza . 

Futhi uma ukholwa nguJesu ,yazi lokhu:

NgokukaJohane 15:16Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.

Okwazi kahle ngokuphelele ukuthi ungubani,ukuthi yikuphi okuyizintshisekelo zakho nokungezizo,UJesu wakukhetha ,yebo wakhetha wena kanye ! Futhi ukunike lomsebenzi ukuthi uhambe uthele izithelo,izithelo eziyohlala zibonakala .Ayibongwe iNkosi ukuthi izithelo ozithelayo ziyohlala njalo ziyizithelo ezehluke ngamalengiso kwengizithelayo mina . 

Ngakho izinto ozishisekelayo azinzekaleli nje ,kodwa zilubizo lwakho uqobo olunguwe olungawe siqu .Uma uzilangazelela lezontshisekelo egameni likaJesu ,ukumkhazimulisa ,qagela kuzoba njani ? 

Uzoba ngothela izithelo ngempilo yakho ezimpilweni zabantu  eziyoba ngumaka ophakade .Yileyondlela kanye okumele kube yiyo. 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.