... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Yiba Ngonothando

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 2:8,9 Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle; kodwa uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo.

Listen to the radio broadcast of

Yiba Ngonothando


Download audio file

Kukangaki wehlulela incwadi usayibuke i-cover nje ungakayivuli? Imvamisa kukaningi kuba kanjalo …angithi ?  Kuyafana kithi sonke ,sivamisa ukwenza kanjalo . 

Ake sijule kancane ngalombuzo . Ngakube uba nokucabanga okuthe ukwehluka uma uhlangana nomuntu okhuluphele eqhuma ,uma kuqhathaniswa nomuntu obizwa ngokuthi ungogcwele kahle nje ngokujwayelekile ?  Kumbe uma kuqhathaniswa nomuntu ogqoke kahle ,kunomuntu ongagqokile ngenhlela enhle ? Kumbe umuntu obukeka kahle ,mayeqhathaniswa nomuntu ngokwethu esiye sithi akabukeki kahle ? Umuntu onezibele kuwe kononganazo kuwe? 

Ngikholwa ngukuthi uyangithola . Sonke sibuka sihlulele incwadi ngokubukeka kwe –cover yayo .Futhi okuthi singazange sacabanga ngokujulile ,sivese siyidlule  kalula singayinaki eshalofini  .Yiyona ndlela okuyiyo lokho ngeshwa .Hmm. 

EkaJakobe  2:8,9Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: “Wothanda

umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle; kodwa uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo.

Wow,mhlawumbe awukaze ukucabange ngaleyondlela phambilini .Yinto le e-serious kuNkulunkulu ,ngoba umuntu ngamunye ,kungakhathalekile ukuthi ubukeka ethandeka kithi noma cha ,wenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu ;uthandwa nguNkulunkulu ,ndlelanye nathi asithanda ngayo !  

Ngakho ,izinga okumele siphathe ngalo abanye abantu , ngokuhambisana nathi noma kungahambisani nathi ,lisobala nanti yileli :

 “Wothanda

umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,”

Shlobo sami lokhu akukhona ukucabangela nje ,kube sengathi yinto enzima esinda satshe ukuyenzeka ,iyenzeka .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.