... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Abakhethiweyo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 1:26-29 Ngokuba bhekani ukubizwa kwenu bazalwane: kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, kababaningi abayizikhulu, kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla; nezinto eziphansi zezwe nezinto ezidelelwayo uNkulunkulu wazikhetha, nezinto ezingekho, ukuba achithe ezikhona, ukuze kungabikho nyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu.

Listen to the radio broadcast of

Abakhethiweyo


Download audio file

Mangase kuthiwe nje lusuku lumbe besingaphakamisa amakhanda ethu qede siye phezulu emkhathini ebese sizibuke siphansi futhi ,besobona ukuthi sibancane kangakanani ; ila ebesiyobona khona ukuthi lomhlaba wethu esithi mkhulu uwuhlamvu oluncane olungakanani oliyibholanyana elincu elintanta emanzini ,into othi mawuyibuka ubone ukuthi inkanyezi encuu mase ule phezulu ubuka phansi  

Lokhu kwenza ukuba izinto zibukwe ngoqobo lwazo hhayi lokhu ezibukeka sengathi ziyikho !  Kulababantu abako 8 billion emhlabeni njengamanje ;baningi ababukeka be smart kunabanye ,abasemqoka kunabanye ,abacebile kunami nawe .

Ngakho kungenzeka  ngempela ukuthi uNkulunkulu onamandla onke ,onothando lonke  abe nenhlaba mxhwele ngathi  …?  

Yebo ,nginezindaba ezinhle  kuwe .Uma ubambelela esiphambanweni sikaJesu Khrestu phezu kwakho konke ukwehluleka nezivunguvungu empilweni ,khona lapho kanye ungumntwana kaNkulunkulu okhethiwe . 

1 KwabaseKhorinte  1:26-29 Ngokuba bhekani ukubizwa kwenu bazalwane: kababaningi

abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, kababaningi abayizikhulu,  kodwa izinto

zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka

zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla; nezinto eziphansi zezwe nezinto ezidelelwayo uNkulunkulu wazikhetha, nezinto ezingekho, ukuba achithe ezikhona,  ukuze kungabikho nyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu.

UJesu wayebukeka eyisiwula  emehlweni omhlaba ngesikhathi elenga ekulesosiphambano .Futhi nathi silibuka ubuwula izwe uma sesikholiwe kuYe .Ngakho uma sikholwa nguye ,nasebukhulwini bokuphakama komkhathi nezakheko zonke zezinkanyezi nomhlaba ,singabakhethiwe kuYe .Akucabange ngalokho !  

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.