... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Bambisisa Isivumo Sakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KuMaHebheru 10:23 Masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo

Listen to the radio broadcast of

Bambisisa Isivumo Sakho


Download audio file

Kimi  awukho umsebenzi ongcono kunokuba ngumhambisi wezindaba ezinhle .Futhi namhlanje anginazo nje izindaba ezinhle eziza kuwe ,nginezindaba ezinkulu kuwe .Futhi umthandazo wami ngukuthi uzimukele enhliziyweni yakho .

Njengokuba ngike ngathi fahla ngeviki eliphelile omunye wabalaleli obecela ukusizwa ngokholo aluzwa luncibilika ,inhloso yakhe ufuna ukuluzwa luqinile zikhathi zonke .Ngakho kulezinsuku ezimbalwa ezedlule yilokho kanye ebesikwenza ndawonye .Sivula iZwi likaNkulunkulu qede silivumele ukuba likhulume oqobweni lwesimo sinjalo.

Ngoba kuyenzeka kithi sonke esigabeni esithile .Ngakho ake siqhubeke ngesibhalo esilandelayo ,umyalezo olandelayo ,igxathi elilandelayo ekuvumeleni uNkulunkulu ukuqinisa ukholo lwakho .

KuMaHebheru  10:23 Masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo.

Ukubambelela kulelo themba ,ukulivuma lelothemba ,ukulikhuluma ngomgqumo onamandla esikhathini lakhona izinto zizwakala zingathembisi-lokho kulula ukukusho kodwa okuthi makucishe kungenzeki ngaphandle uma unesizathu esiqinile njengedwala ukukwenza .Futhi khona manje ,khona la uNkulunkulu ukunika lesosizathu .Kubheke futhi ngokuphindelela … Masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo.

Kungani ukuba ubambisise kulelithemba na ? Kungani kumele ukuba ulivume libe yisivumo lelithemba ? Kungani ukuba ukwenze lokho ngokungaxegi?  Ngoba uNkulunkulu wezethembiso uhlale ethembekile zikhathi zonke .Uthembekile ukukuhlanza uhlanzeke ezonweni zakho ngomhlatshelo kaJesu kulesosiphambano.Uthembekile ukukuthwala kuze kube sekugcineni . 

Njengokuba emandleni kaMoya Ngcwele ngithi kuwe , bambelela esivumweni sethemba lakho ungaxeki .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.