... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungasilahli Isibindi Sakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KuMaHebheru 10:32-36 Kepha khumbulani izinsuku zakuqala okwathi ngazo senikhanyisiwe nakhuthazela empini enkulu yezinhlupheko, kokunye ngokuba ngumbukwane ngezinhlamba nangezimbandezeko, kokunye ngokuba ngabahlanganyeli nababephathwa kanjalo. Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo. Ngakho-ke maningalahli isibindi senu esinomvuzo omkhulu. Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso.

Listen to the radio broadcast of

Ungasilahli Isibindi Sakho


Download audio file

Isibindi singaba ngumfutho onamandla ezimpilweni zethu ,kodwa ngaphansi kombandela wokuthi sisibeke ezintweni ezifanele ezinhle kungabi yisibindi sokwenza okungalungile .Ake ngikubuze ukuthi njengoba impilo ikujikijela ngazo zonke izinto njengamanje ,singakanani isibindi onaso nokuma amadolo eqinile  ?

Uma ukholwa nguJesu ,hleze esikhathini thizeni ,okungenzeka mumva le usanda kukholwa wawugcwele ukushisekela , futhi  unesibindi esikhulu kuYe .Wawulubheke ngabomvu uhambo ukunye naYe endleleni.

Kodwa kancane kancane ,ubunjalo bempilo baqala bakuhlasela bazika kuwe .Izingcindezi zosuku zokuthi uma nje uphilile  lashona kwanele ,zaqala zakugubuzela ,qede sancibilika isibindi esasikuwe .Ngamafuphi ngithi ukholo lwakho lwaqala lwafiphala …ngiqinisile angithi?

Izindaba ezinhle ngukuthi akukho lutho olusha kulokho. Awuwedwa ,futhi namhlanje ngoMoya waKhe nangeZwi laKhe ,ngikholwa ngukuthi uNkulunkulu uzophinde aphefumulele kuwe  isibindi nokuzethemba enhliziyweni yakho ,nokuthi uzokunika konke lokhu okudingayo,ngakube usukulungele lokho ?

KuMaHebheru  10:32-36 Kepha khumbulani izinsuku zakuqala okwathi ngazo senikhanyisiwe nakhuthazela empini enkulu

yezinhlupheko,  kokunye ngokuba ngumbukwane ngezinhlamba nangezimbandezeko, kokunye

ngokuba ngabahlanganyeli nababephathwa kanjalo.  Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma

ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo.

 Ngakho-ke maningalahli isibindi senu esinomvuzo omkhulu.  Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso.

Ngamandla kaMoya oNgcwele ngithi kuwe ,ungasilahli isibindi sakho esinomvuzo omkhulu  

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.