... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ezomndeni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Joshuwa 24:15 Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula,* noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.”

Listen to the radio broadcast of

Ezomndeni


Download audio file

Sonke ngamunye esigabeni esithize simelwe ukukhetha ,kungaba ukumumukela uJesu abe yiNkosi noMsindisi wethu kumbe simnqabe simgudluzele kude le qede siziphilele umathandanhliziyo .Kuba njalo nje akukho okuphakathi nendawo . 

Angikubingelele, angikwamukele futhi engosini e-FRESH ,nginguSbonelo BT Ngema ongumlomo ka -Berni Dymet we-Christianity Works.

Kunguzikhethela lokhu ozenzela wena siqu ,engikholwa ukwenzile njengoba mina ngikwenzile .Futhi ngukukhetha esidinga ukuqhubeka sikwenza singami ,usuku nosuku,umcabango nomcabango …..zonke izinsuku zokuphila kwethu kulomhlaba . 

Kodwa umkhuba oyimvama kwabaningi ngukucabanga kweqe ,futhi ukungabi nezikhathi ezanele siyimindeni .Yebo siyaqonda ukuthi amasiko  ezinye izizwe  enziwe ngezindlela ezivuna ubundawonye bemindeni .Nokho ngesikhathi amasiko asentshonalanga ehlasela lezozizwe kugcina sekushabalala nakuzo ukwazisa ukuba ngumndeni obumbene . Agcine omunye ephila le kude kungasekho nje ukuzobhekana eduze .

Yingakho lezibhalo zihlale zisesikhathini esihle ,kungakhathalekile ukuthi uqhamuka kuliphi isiko noma kukuyiphi inkathi :

Joshuwa 24:15Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula,* noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.”

Kubukeka sengathi isinqumo sokuthanda uNkulunkulu ,sokukholwa nguJesu ,ukuphila izimpilo zethu siphilele Yena ,kungemindeni  yethu njengokuba kungathi siqu futhi 

UNkulunkulu uyawazisa umndeni wakho .Ngakho kuwe nomndeni wakho uyokhonza bani ?

UNkulunkulu ufuna wena nomndeni wakho nikwazi ukuba nokunqoba okukuJesu ! 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.