... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Iphutha Elenziwa Ngamadoda (2)

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFesu 6:1,2,4 Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile. Yazisa uyihlo nonyoko, okungumyalelo wokuqala onesithembiso: Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi..

Listen to the radio broadcast of

Iphutha Elenziwa Ngamadoda (2)


Download audio file

Amadoda amaningi asephila impilo yokuqhela emindenini yawo ,ngokokuba ngumkhwenyana kanjalo nokokuba ngubaba ezinganeni. Futhi uyabona yisenzo esinzima esingalungile ukusenza leso singamadoda ngoba ekungabini khona kukababa onathando nogcwele uNkulunkulu ,lokho kuklaya imindeni isale imantwayintwayi ngenxa  nje yokushoda kukababa . 

Uyazi kwesinye isikhathi singena kanjani kulokhu .Sicabanga umsebenzi kakhulu kweqe ,sisebenze amahora amaningi ,singabi nasikhathi somndeni nakuba sithi sisebenzela wona ,lokho okwenza sithi uma sifika ekhaya ebusuku ,sifika sesi-drained ngendlela yokuthi asisakwazi ukuba naqhaza emindenini yethu sifuna ukuphumula phaqa asifune lutho eduze kwethu .

Ngakho sigcina sesizikhipha empilweni yemindeni yethu ,sigcine sizimele eceleni sizizamela ngezindlela zethu uku-recharger leli battery lethu eselimomeke laphela nya amandla ,kodwa kugcina kungenzeki kwakhona lokho .Yingakho amadoda  amaninigi awakaze abe yingxenye yemindeni yawo ,amanye aseyahluleka . 

Siyama ukwenza izinto ezidinga zenziwe yithi singamadoda .Ukuthanda omkethu ,ukuqondisa izingane zethu ,ukuqinisa nokukhuthaza ama teenager ethu ,sibe  ngumbhoshongo wamandla lakhona amadodana ethu ebhekene nezikhisi zokukhula . 

Ngeshwa ,maningi amakhosikazi azokutshela ukuthi abayeni bawo sebeyekile ukuqhuba umsebenzi wabo  wobuholi emndenini ,baqhela la khona kusesigabeni esinzima kakhulu somndeni esesidinga indoda ngqo 

KwabaseFesu  6:1,2,4  Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile. Yazisa uyihlo nonyoko,

okungumyalelo wokuqala onesithembiso: Nani

boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi..

Madoda kungumsebenzi wethu lo hhayi womama kodwa owethu ngqo ukubafundisa ukwazisa ubaba nomama sibondle ngokuyala nangokuqondisa  kweNkosi ,angiliphinde lelo ngumsebenzi kababa lo hhayi kamama ! Ngumsebenzi onzima lo .Awungakho nje ukubatshela ngoNkulunkulu,kodwa ungokufaka [instill]inkambiso nenhlakanipho nothando lukaNkulunkulu   lokho ukwenza ngokubakhombisa  ngokuphila kwakho ngokwendlela ezobandlalela isisekelo  sempilo size siyofinyelela ezizukulwaneni  ezizayo .Lokho kudinga umfutho wamandla omkhulu .Kubiza ukukwazi ukuqonda nokuxoxisana nemizwa yenhliziyo . 

Madoda azibuye emasisweni ,asibuyele emsebenzini wethu .

Ngeke ilunge imindeni ,ngeke lilunge iZwe uma sishiyele komama okuqondene nathi ngqo .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.