... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isivivinyo Seqiniso Senkambo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Jeremiya 17:7,8 Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova nothemba lakhe linguJehova .Ngokuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni .ongesabi lapho kufika ukushisa ,amaqabunga awo abe luhlaza ,angabi naluvalo ngomnhaka wesigagadu ,anganqamuki ukuthela izithelo .

Listen to the radio broadcast of

Isivivinyo Seqiniso Senkambo


Download audio file

Kunezikhathi empilweni esiye sizwe isivuvu sokushisa ; lakhona okuye kubukeke kunesomisa samanzi okuphila achichimayo uJesu awethembisa .Futhi kukuleyondawo kanye la esizithola khona ukuthi singobani ingempela . 

Izinga lokushisa elikhulu engake ngalizwa labe lingu 48° Celsius.Ngesikhathi sabe sisemshadweni ,sesiphuma la obekufungelwa khona sesiya ehholo lesonto ibangana elincane nje kodwa kwakungathi siphakathi eklobeni lomlilo .Umuntu ingempela ukwazi kanjani ukuphefumula kahle nokwenza imisebenzi ezingeni lokushisa elinjalo? 

Ngakho yisona sithombe  lesi esifika emqondweni uma ngifunda lendima :

Jeremiya  17:7,8 Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova nothemba lakhe linguJehova .Ngokuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni .ongesabi lapho kufika ukushisa ,amaqabunga awo abe luhlaza ,angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu ,anganqamuki ukuthela izithelo 

Ngakusasa sesibuyela kulendawo esasikuwo yomshado ,kwase kushisa kodwa hhayi lokhu okwakuxake ngayizolo,futhi kwangimangaza ukuthi izihlahla zama orintshi ezabe zinezithelo kulendawo kodwa ayengaqathaki .

Lokho sihlobo kuyisivivinyo seqiniso sokuhlola inkambo .Yisona sivivinyo esijulile sobudlelwane bethu noNkulunkulu ukuthi bujule kangakanani .Nathi besingenza njengalezithelo  ,singathela nasesikhathini lakhona kunesigagadu sokushisa ?  Ithini eyakho impendulo sihlobo sami ? Lokho kuncike ekutheni izimpande zethu zidephe kangakanani emanzini okuphila  phansi ekujuleni . 

Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova ……….ongesabi lapho kufika ukushisa ,amaqabunga awo abe luhlaza ,angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu ,anganqamuki ukuthela izithelo.

 Futhi yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.