... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kuyehla Kuyenyuka

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 5:13 Kukhona ohluphekayo phakathi kwenu na? Makakhuleke; kukhona owenamileyo na? Makahube.

Listen to the radio broadcast of

Kuyehla Kuyenyuka


Download audio file

Angazi kunjani kuwe .Mina ngiye ngifise sengathi ngingahlala ngiziphilela ezikhathi ezimnandi ,konke kuzihambela kahle kungubuthebelele ,ngingasokoli ngalutho.Sezingaba khona nje phela nalezo ezehlisana umoya kodwa sengathi zingathi gqwagqwa  zingabi ziningi .Lokho kuzwakala kuyikho esikucabangayo ?

Nakanjani impilo ayinjalo .Kuyehla kuyenyuka ,izinto zisiqhamukela singazilindele ,futhi azimemezeli masezizosehlela .Yebo zikhona izinto ezehlisanayo emoyeni esingazehlisa  ngokuqhela ezonweni ,kulezo ezilethwa yimiphumela emibi yesono .Kodwa noma kunjalo zikhona izinto ezisigabhayo ezivese zithi bhu singalindele ,zisishaye zisithele phansi kumbe zivese zisindizise zisiyise phezulu . Impilo injalo nje  ngeke wayiqonda ikuphatheleni.

Kodwa uma ukholwa nguJesu ,uma unqume ukumlandela noma yikuphi la ekuholela khona ,uma inhliziyo yakho ikulangezelela ukumlandela nokumlalela ,ngakho unawe khona kanye lapho ukhona ,noma ngabe impilo ikujikijela ngani .Futhi nanti iZwi laKhe elingokubhekana nokwehla nokwenyuka kwempilo:

EkaJakobe  5:13 Kukhona ohluphekayo phakathi kwenu na? Makakhuleke; kukhona owenamileyo na? Makahube.

Elimnandi elifushane ivesi leli ,kodwa elinamandla .Kuliphuzu elingenakuphikiswa ukuthi izinkinga ziyoqhamuka .Uma ziqhamuka ,qinisila emkhulekweni .Uma sezehla uNkulunkulu makabe ngowokuqala ukumbiza .Uma sezehla yazi ukuthi ukhona useduze nawe ,khona kanye kuleyondawo ,ukulungele,futhi uhlale  ekulungele ukukuhola kuzo kanye lezonkinga ezikwehlele ungazilindele .

Futhi akuthi uma kufika izikhathi ezinhle –izinsuku  zokwenama ! Hlabelela ,yethaba ,thakasa ,dumisa ubonge uNkulunkulu ngobuhle baKhe ;mbonge ngezibusiso zaKhe .Ngiye ngicabange kwesinye isikhathi ukuthi asizigubhi  sithokoze izibusiso ngendlela uma sehlelwa yilezozinto ezinhle uNkulunkulu asenzela zona –ngoba phela shlobo uNkulunkulu usuke ekuzo kanye izinto ezinhle  asimelwe ke ngukumshiya singathokozi kuYe simbonge ngokuhle asenzele khona –uNkulunkulu ukulesosibusiso kanye futhi ufanelwe ukudunyiswa kakhulu ngaso !  

Kukhona ohluphekayo phakathi kwenu na? Makakhuleke; kukhona owenamileyo na? Makahube.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.