... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngesandla Esifinqekile Kumbe Esivulekile ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Dutheronomi 15:7,8   “Uma kukhona kuwe ompofu, omunye wabafowenu, phakathi kwelithile lamasango ezweni lakini uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, awuyikuyenza lukhuni inhliziyo yakho, ungamvaleli umfowenu ompofu isandla sakho, 8 kepha umvulele nokumvulela isandla sakho, umtsheleke impela okwanele ukudinga kwakhe akuswelayo. 

Listen to the radio broadcast of

Ngesandla Esifinqekile Kumbe Esivulekile ?


Download audio file

Iningi lethu ngeke sizicabange ukuthi sicebile .Kungancika ezimweni zakho ,kunokwenzeka uzicabange ungumuntu ophakathi nendawo ongacebile ongampofu futhi .Kodwa nakhu usuthi uyazihambela usuzithela kulowamuntu ohlale ekhangeza emgqwaqeni . 

Kubukeka ku -unfair kimi ukuthi ngenxa  nje yokuthi umuntu uzalelwe kuphi kumbe umndeni onjani bese kumenza abe ngocebile noma ompofu .Kungani kunjalo? Yini uNkulunkulu engenzi utho ngalokho na?

Hle hle usevele lukhona aselwenzile .Lendima yeZwi esizoyifunda ibhalwe yavuna kakhulu labo abazibuka bephakathi nendawo ngokwabo –laba abantu  abathi cha  ngiright …kodwa phela hhayi ukuthi ngicebile ,lokho hhayi sekuqhelile kimi bandla . 

Dutheronomi  15:7,8 “Uma kukhona kuwe ompofu, omunye wabafowenu, phakathi kwelithile lamasango ezweni lakini uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, awuyikuyenza lukhuni inhliziyo yakho, ungamvaleli umfowenu ompofu isandla sakho,  kepha umvulele nokumvulela isandla sakho, umtsheleke impela okwanele ukudinga kwakhe akuswelayo. 

Kuyamangaza ukuthi ukubuka kwethu kugeje kanjani , sibhajwe kulomqondo wokuba ngabaphakathi nendawo .Iqiniso lithi uma ukwazi ukuthola amanzi okuphuza ahlanzekile ,nokudla okwanele ukukudla ,umpheme ekhanda lakho nezingubo zokugqoka  ucebile kakhulu ngisho kungathiwa wena awuziboni ungocebileyo .

Ngakho yikuphi uNkulunkulu avele usekwenzile ngabampofu na? Ubize mina nawe sikulungele ukubasiza ngezinhliziyo ezivumayo ezigcwele isihe nothando . 

Uyabona abantu bampofu ngezizathu eziningi ezahlukene .Akuwona umsebenzi wethu ukwahlulela .UNkulunkulu akasibizeli ekuzibhekeni thina sodwa ,sibe nobuqonqela .Kunalokho : ungamvaleli umfowenu ompofu isandla sakho

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.