... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukwengeza Umkhawulo wakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 5:7 Babusisiwe abanesihawu, Ng Ngokuba bayakuhawukelwa.

Listen to the radio broadcast of

Ukwengeza Umkhawulo wakho


Download audio file

Uma uphambukile washaya ipali  ,wenza into obekufanele uyikhokhele ngemiphumela yayo,uye uzizwe kanjani uma lomuntu omlimazile ,esikhundleni sokuthi akugxeke ,akujezise kodwa avese alisibekele iphutha lakho ? 

Ngumbuzo oyinhlabamxhwele lo ? Siyazazi ezikhathini lakhona siku deserver ukubuya kwezinkuni ngomkhwezeli ,kodwa uvese ngokumangala lomuntu esimlimazile avese asikhombise umusa nesihe sodwa . 

Ngiyakhumbula  eminyakeni eminingi edlule ,lakhona amaKhrestu engabe ngiwakhaphele ngenkuthalo ,lawo kanye ebengigcona ,aphenduka aba lusizo kimi anginika umpheme  esikhathini lakhona ngingenakhaya .Ngikhumbula kahle ukuthi nawo ayelila kanjani kunye nami la engangilila khona . Okwakuthi la khona ngangimelwe ukuhola ipleti lolaka kodwa kunalokho enganga ngothando nomusa .

Lokho sihlobo sami kubizwa ngokuthi ngumusa .Namhlanje ngila ngikhuluma nawe ngenxa yalababantu abakhetha umusa esikhundleni sobulungiswa .Yingakho kungamangazi ukuthi uJesu wathi …

NgokukaMathewu  5:7Babusisiwe abanesihawu,ngokuba bayakuhawukelwa.

Kulula kithi ukugcina sesiqinelwa zinhliziyo uma umhlaba ulokhu usitshela yini esayenza futhi yini esiyidizevayo . Kulula ukugcina usuvikela okwakho futhi uzivalele ethinini uma abantu beqhubeka belimaza  imizwa yethu .Kodwa khona la khona manje uJesu uyasibiza ukuba sibe nesihe .

Futhi kuyamangaza ukuthi uma siqala sifuna amathuba okuveza umusa ,iqhaza lethu nomthelela kwabanye abantu ngoKhrestu kuyakhula ;kusimangaze impela ukuthi kuvese kugeleze impilo egcwele umbuso kaNkulunkulu  ,nempilo eguqulanayo egcwaliswe nguMoya oNgcwele igeleze kithi ,kunwebeke imikhawulo yethu .

Yebo,kulula ukukhalaza ngencithakalo umhlaba okuyona ;ngabantu la emnyango abenza izinto ezi wrong ,abasilimazayo ,kwesinye isikhathi ngisho abasikhaphelayo . 

Kodwa icebo likaNkulunkulu ngukusebenzisa abantu abaguquliwe abanjengawe nami  … ukuguqula umhlaba .