... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ubuciko Bokwenza Izinto

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 6:30,31 Abaphostoli babuthana kuJesu, bambikela ababekwenzile nababekufundisile. Wayesethi kubo: “Zanini nina nodwa endaweni eyihlane, niphumule ingcosana.” Ngokuba babe baningi abezayo nabahambayo, abaze bathola nasikhathi sokudla.

Listen to the radio broadcast of

Ubuciko Bokwenza Izinto


Download audio file

Uma singabangala ngokwesikali esisuka ku 1 kuya ku 10 ,imatasa kanjani impilo yakho ? Ngakube ungomunye walabo bantu okuthi uma bebuzwa ukuthi kuhamba kanjani empilweni uvese uthi “ ayyi i-busy nje into engapheli”?

Kahle hle akuwona wonke umuntu omatasa ngokunganqamukiyo ,kwabanye abantu izinto zihamba ngegiya elingagijimi ,kuthule kuzolile kubo.Kodwa kwabaningi ,kumatasa  umlibe ,ubuyaluyalu  ukuhlafuna kwentshebe  ,kumatasa ngezinto eziningi ,ezomsebenzi ezingaye siqu umuntu nezingabanye abantu jikelele.

Ngakho kuyawukhanda umqondo ukuthi impilo yayinjalo nakuJesu kulezansuku  esesenyameni .Qha,Yena wayengebhekene nesibhekene nakho kokuhlala kwi social media 24/7 ujikeleza umhlaba nge device encane nje esesandleni sakho ,kodwa khona kunjalo wayengumuntu ovelele .Wayene status esasihehe abantu abaningi   .Angithi phela kwakuma idolobha nse uma kuzwakele ukuthi usendaweni ,bonke abantu behlabe ujenge amagquma anamathafa beyombona enza izimangaliso .

Izixuku zazimkaka nxazonke .Wayebhekene futhi noku -manager istaff okwakungelula ukusebenza naso . Okwakunzima kakhulu wayengathi mayehambela imiphakathi agibele izimoto ezinama aircon ashaya umoya obanda kamnandi kumbe amabhanoyi kanokusho .Kwakubiza ahambe emvuleni ,esichothweni ,libalele woklo ,liduma noma libalele kwakumele inyawo zinamathele othulini eyofuna imiphefumulo .

NgokukaMarkhu  6:30,31 Abaphostoli babuthana kuJesu, bambikela ababekwenzile nababekufundisile.  Wayesethi kubo: “Zanini

nina nodwa endaweni eyihlane, niphumule ingcosana.” Ngokuba babe baningi abezayo nabahambayo, abaze bathola nasikhathi sokudla.

Ake uzenzele okuhle namhlanje .Ake ucime i-phone yakho .Ake uziqaqe ekunamatheleni emhlabeni kweqe ,yithi ukuqhela kancane kubantu ukuyozifuna uwedwa neNkosi futhi uzinzise ingqondo yakho .Thola kabusha indlela engubuciko yokubuye ube sesimweni sokungathinti lutho sanhlobo ungaxhumani namuntu kodwa uzolise umoya wakho .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.