... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuphakamisa Umthwalo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izenzo 3:19 Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono Zenu ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi

Listen to the radio broadcast of

Ukuphakamisa Umthwalo


Download audio file

Sonke siyayithwala imithwalo ezimpilweni zethu .Eminye iyesinda kakhulu .Kwabanye eminye ayisindi kakhulu ,kodwa nayo leyo isuke isho ukukuntengisa uthi vuh phansi ,ikwenza uhambe ucothoze .

Futhi okuthi ekuqhubekini sibe side isikhathi sithwele imithwalo ,kusikhathi sinye iyangokusinda kakhulu . Kunehubo lesingisi elidala eliqala ngezinhlamvu ezithi :  Would you be free from your burden of sin-ungakhululwa emthwaleni wezono zakho na ?

Mhlawumpe awukaze uthi mawuthatha uhlu lokwehluleka kwakho ,lokuqhuzuka kwakho ,lwezono zakho qede ukubeke eqoqweni elibizwa ‘ngemithwalo’ kodwa yilokho kanye okuyikho . Kuthi akufane nokuphatha ubhakha ngemumva okuqala kusengathi awusindi kodwa ngesikhathi uhambo luba lude ugcina usuzwa ukuthi uyakusinda.

Ngakho ,ithini impendulo ?  Into yokuqala ekufikelayo masusinda ubhakha uthi konje ngingawethula kanjani ngivese ngiwuthi gqinsi phansi okomuntu kade sindwa zinkuni esebekezele .Ungawenza kanjani ube lula umthwalo wakho .Nansi indlela ongenza ngayo :

Izenzo  3:19Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono

zenu ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi

Ukuphenduka kuzwakala kuyigama  lezenkolo elidala ,elingasenandawo kwinamhlanje lethu .Kodwa elikuqondile ngqo ngukuguqula ingqondo yakho ,ngokujulile ,ngokusile ,ujike ubuyele kuNkulunkulu ,unqume ukuthi cha lempilo yezono ayingisizi ngalutho . 

Futhi okuthi uma ukwenza lokho …mawuphendukela ebukhoneni bukaNkulunkulu  …lobobukhona kanye ,yebo ubukhona bukaNkulunkulu uqobo kuyokwenza uzizwe u-fresh isibili .Akukhona lokho esikudingayo ngeqiniso na?  

Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono

zenu ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.