... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukukhipha Isandla Usize

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 3:27,28 Izaga 3:27,28 Ungagodleli abaninikho okuhle lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza .Ungasho kumakhelwane wakho ukuthi “ hamba ubuye ,ngiyakukunika kusasa,”lapho kukhona kuwe .

Listen to the radio broadcast of

Ukukhipha Isandla Usize


Download audio file

Usuke ubone umuntu eswele kakhulu ,qede uzibuze ukuthi ekaze yingani kungaqhamuki muntu ozomsiza lomuntu na ? Kungani uhulumeni ,ibandla nezinhlangano zomphakathi zingamsizi ?

Ngicabanga sonke sesike sanawo lowomcabango .Sibone umuntu omanikiniki engcolile ekhongozela imali emgwaqeni .Kumbe mhlawumbe komakhelwane ,uthole ukuthi ubaba wekhaya ungenwe wukugula okuzomenza angaphindi akwazi ukusebenzela izingane zakhe .Umama osemncane ,ogula ngendlela yokuthi ngeke akwazi ngisho ukuphekela izingane zakhe .Ngisho kungaba ngumzalwane ebandleni lakho ohlulwa ngisho nawukuthenga amasokisi singasayiphathi eyezicathulo ezintsha . Kungani engekho osizayo kulesisimo ?

Manje nanku umcabango obungewucabange .Ungathini kanti lowomuntu okumele asize nguwe kanye ?

Izaga 3:27,28 Ungagodleli abaninikho okuhle lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza .Ungasho kumakhelwane wakho ukuthi “ hamba ubuye ,ngiyakukunika kusasa,”lapho kukhona kuwe .

Yini eyenza omunye umuntu afanelwe ngukuthola usizo lwakho .Akukho okunye ngaphandle kokuba nguluntu naye ,ukuba sesimweni sokudinga usizo ,nephuzu elisobala lokuthi nabo badalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu ,njengami nawe .Akukho okunye okwedlula lokho . 

Futhi ngiyazi ,ngazi kahle ,kholwa yimi ukuthi kulula kanjani ukuzihlangula kulowomuntu ,ngoba umatasa kumbe nawe uzixakelwe wutwayi lwakho …zingaziningi nezinye izizathu . 

Kodwa angisho ukuthi kuyisibusiso esikhethekile ukuba wusizo kumuntu oswele esikhathini lakhona ekudinga kakhulu .Futhi akuhlali kuphoqa ukuba kube yimali ;kungaba ngamazwi amnandi ,inkomishi yetiye nje nizixoxela naye ,ukumphatha kahle nokumthokozela ,ukuvula isandla sakho umsize noma ngantoni . Ungagodleli abaninikho okuhle lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza .Kunetoliko  lesingisi elithi : “ngoba isandla sakho siyisandla sikaNkulunkulu”

Omunye umngani wami , u-Toni Gattari, wake wathi  … ukupha kuwukuphila . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.