... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukweneliseka Ezwini Elomile

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 58:11 UJehova uyakukuhola njalo,asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo,aqinise amathambo akho;uyakuba njengensimu eniselweyonanjengomthombo wamanzi,omanzi awo angaphuthi .

Listen to the radio broadcast of

Ukweneliseka Ezwini Elomile


Download audio file

Sonke siyakulangazelela ukuthi sengathi izinto zingazinhle sibe nokuneliseka okujulile ; ukweneliseka okungenza sinele  ezikhathini ezinhle noma ezimbi .Ukuthula okuhlala njalo kukhona okuzimelelayo kwizigaba zonke zokuphila ekuphileni kwethu .

Ngokubuhlungu sonke sihamba sikucinga ukunelisaka nokunela ,ukuthula ezindaweni ezi wrong ,okusiphethisa sihuzukile .I- psychologist u- Carl Jung nakuba engazange abeke ukholo kuJesu kodwa wakwazi ukubhala ngesizathu  salokho :  

Abantu bagcina benezingcindezi zengqondo bazizwe bephansi uma bezenze baneliseka yizinto eziyizimpendulo ezi-wrong emibuzweni yempilo .Bafuna izikhundla ,umshado,ukuhlonishwa ,ukuthola imali eningi ngokuphumelelayo kalula  kodwa othola ukuthi baqhubeke babe nezingcindezi zomqondo nakuba sebekutholile lokhu kanye abebekufuna bethi bazonela uma bethole khona .

Ngicabanga ukuthi sonke sesike sakufuna ukuneliseka ezindaweni ezi wrong qede sabuya nezimpendulo  ezinganelisi .Eminyakeni engu 3 000 eyedlula iNkosi yakwa Israel uSolomoni wakubalula lokho:

Umshumayeli  5:10,11 Othanda imali kayikusutha ngemali,nothanda okuningi kaneliswa yizithelo;nalokho kuyize .Lapho okuhle kwanda nabakudlayo bayanda;kulusizo luni kumninikho ngaphandle kokuba akubone ngamehlo akhe na?

Yiqiniso ngukuthi zonke ezinye izinto zakulomhlaba azisoze zasenelisa ngokuphelele. Sidinga into emile  engapheliyo ,eqhubeka njalo ikhona kwizigaba zonke zempilo . 

Isaya  58:11 UJehova uyakukuhola njalo,asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo,aqinise amathambo akho;uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi,omanzi awo angaphuthi .

Yeka isithombe esinamandla ! UNkulunkulu uyakukunelisa ezindaweni ezomileyo  ngokwezinga lokuthi uyakuba njengensimu echelelwayo enhle ekuhlaza kamnandi , nanjengomthombo wamanzi ongomi ohlale umpompoza amanzi acwebile  . Uyimpendulo ,yebo uyimpendulo kuphela engakwazi ukukuphendula kwimibuzo engumgogodla wokuphila ukuthi nguYe kuphela ongukuneliseka okuphelele ,ukuthula  okunganqamukiyo okuyikho kanye obukulangazelela . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.