... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Imizwa ,Izintshisekelo Nemizwa Yenhliziyo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 40:7,8 Utshani buyabuna ,imbali iyavuthuluka ngokuba umoya kaJehova uyaphephetha kukho.Impela abantu bangutshani .Utshani buyabuna ,imbali iyavuthuluka ,kepha iZwi likaNkulunkulu wethu limi kuze kube phakade .

Listen to the radio broadcast of

Imizwa ,Izintshisekelo Nemizwa Yenhliziyo


Download audio file

Imibono yabanye abantu ikakhulukazi uma ishiwo ngokunamandla  (okuvamisa ukuba ibe njalo kulezinsuku ) ibukeka sengathi ivala ngci iqiniso leZwi likaNkulunkulu ,okungagcina kusezingeni lokuthi ukholo loMkhrestu ongakaqini lungabonakala lwehla esikalini. 

Enye ingxenye enkulu eyisizathu salokho ,ngukuziphathi kabi okudla amagalane ,umhobholo novucu oluningi oluba senhliziyweni  [ngivumele ngikusho kunjengoba kuyilokhu okuyikho]…izono ,sezezinziwe zayimpilo ejwayelekile kulesikhathi esiphila kuso ; zapendwa kahle zabukeka ,angithi phela uSathane uzenza ingelosi yokukhanya kanti uthi lala lulaza ngizokwengula . 

Lokho sekube nomthelela omkhulu kumaKhrestu olungakaqini ukhakhayi kuwo.Ngake ngafunda lokhu lusuku lumbe ,angazi ukuthi ngubani owakubhala lokhu ,kodwa ngeshwa ngilokhu ngiqhubeka ngikuthola kuliqiniso  :

“Sisesigabeni lakhona kubuKhrestu abantu abanandaba noma ungakugcizelela ngeBhayibheli okushowo.Imizwa yabo,izintshisekelo nemizwa yenhliziyo kunyathela iziBhalo akunandaba nezikushoyo.Abamlandeli uKhrestu balandela uMina . 

Ngakho ngingakubuza ukuthi kuwe kungokwezinga elingakanani  kuwe ukwenziwa kwesono sibe yimpilo eyejwayelekile emphakathini ,osekwenze washenxa eqinisweni naseZwini likaNkulunkulu ? Ngoba …

Isaya  40:7,8 Utshani buyabuna ,imbali iyavuthuluka  ngokuba umoya kaJehova uyaphephetha kukho.Impela abantu bangutshani .Utshani buyabuna ,imbali iyavuthuluka ,kepha iZwi likaNkulunkulu wethu limi kuze kube phakade .

Shlobo sami ,yazi lokhu iBhayibheli alisebenzi njenge facebook lakhona o-like beyinto esemqoka ukuzikala umthelela wamandla akho . Izwi likaNkulunkulu liliqiniso kungakhathalekile ukuthi  ukuxega kwezimilo nenkambo nezindlela zokuziphatha sekwedlulele  kangakanani ,futhi akukhathalekile siyavumelana  nalo noma qha . 

Ngiyazi ukuthi lokho akukho lula ,akukho ntofontofo  futhi akuvelele.Kodwa xwaya .USathane uza embathise okwengelosi yokukhanya . Ungakhohloseki . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.