... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umqondonqubo Wenqola Yasesitolo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseKolose 3:22 Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama, kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.

Listen to the radio broadcast of

Umqondonqubo Wenqola Yasesitolo


Download audio file

Ngicabanga ukuthi iningi lethu liye libhekane nokwenza isinqumo .Ukuthi inqola yasesitolo ngiyishiye endaweni ebhalwe ukuthi zishiwa kuyo kumbe ngivese ngikhiphe i-grocer yami bese ngiyishiya noma kuphi kuma parking ,emva kwalokho ngishaye imoto yami ngichithe basale beqoqa abaqoqa izinqola

Ungangibiza ngonehaba ,kodwa kuliqiniso ukuthi ukubeka inqola yasesitolo endaweni ebhaliwe ukuthi ishiwa khona kuma parking kuyisivivinyo sokwethembeka kuwe .Kwabanye bethu kuyinto elula ukuyibuyisela la okumele siyishiye khona . 

Nakuba ungekho umthetho othi kulicala ukushiya inqola yasesitolo noma kuphi ne-parking ,akukho thikithi ongalithola ngalokho ,ngakho kungumbuzo onqala ukuthi ,ngenze njani ngiyishiye khona la eceleni kwemoto kumbe ngiyibuyisele endaweni ehlelelwe ukubekwa kwazo khona lu kwi- parking ? 

Lenqola yasesitolo ikhuluma lukhulu ngezimilo zethu ukuthi ngakube siluhlobo lwabantu abakwazi ukwenza oku-right ngaphandle kokuphoqwa ukukwenza?  Ngakube ngizokwenza izinto zibe lula kwizisebenzi eziqoqa izinqola ukuthi zizithole endaweni yazo kanjalo futhi  nabanye abathengi bengashodelwa zinqola ngenxa yokuthi zisancingwa zicakacaka neparking yonke ,wonke amakhosomba lawa ,nabanye abasakwazi ukupaka kahle bavinjwa yizo zivese zirolle zize kubo , ngakube lokho ngingakwenza yini kuvela ebuhleni benhliziyo yami —noma cha  ?

Yebo nebala ,yinto le enganakekile futhi engasho lutho ,kwazise phela  akekho nozobona .

KwabaseKolose  3:22 Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama, kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.

Usuku ngalunye ,mina nawe sinethuba lokwenza noma yikuphi okuhle kungakhathalekile ukuthi kukhulu noma kuncane kangakanani ,ngisho kungathiwa kuyizindlela ezincane ezingeke zanakeka nhlobo .

Umbuzo ngukuthi ngakube sizowathatha siwasebenzise yini lamathuba na osukwini lwethu ?  

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh