... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Unethemba Kanganani ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaPhethru 3:15 Kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini

Listen to the radio broadcast of

Unethemba Kanganani ?


Download audio file

Bengingakucela uke ume kancane uzibuke ukuthi uzizwa kanjani njengamanje ngokwemizwa yenhliziyo ?  Futhi usakwenza lokho ake ngikubuze ukuthi uzizwa unethemba ,ugcwele ithemba kangakanani?

Le-exercise ingokukusiza ukuthi uzibuke ungonombono ngekusasa [optimistic] kangakanani kumbe noma cha .. Yebo sinemizwa ehlukene ezikhathini ezehlukene ,imizwa isengehla yenyuke.Nokho khona kunjalo umhlaba sibuka ngeso lemizwa yenhliziyo yethu . Impilo siyiqonda ngokwemizwa yenhliziyo yethu,Sibusisa siqalekise abanye abantu ngokokulawulwa yimizwa yenhliziyo yethu .Ngakho imizwa yenhliziyo isemqoka ngokungakholakali. 

Ngakho ngakube uzizwa unethemba kumbe uphelelwe yithemba ? Ngesikhathi usacabanga ngalombuzo phuza nanka amandla avela eqinisweni leZwi likaNkulunkulu:

1 EkaPhethru  3:15Kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini

Kuhlaba umxhwele lokhu ,nangu uPhethru umphostoli ebhalela abazalwane abahlushwayo kanzima ,ekholwa ngukuthi banalo ithemba nebala .Ewu Phethru mfowethu sikhulu lesingathekiso sakho !  

Kodwa uma enhliziyweni yakho uyamazisa umnika iqholo elimfanele uJesu ngokokuba yiNkosi noMsindisi ,uma uhlale zikhathi zonke usenkazimulweni  ngesiphambano sikaJesu nalokho akwenzela khona ,uma uhlala eZwini laKhe  futhi uvumele uMoya kaNkulunkulu enhliziyweni yakho ehlise amandla ,ithemba elicacile kuKhrestu  liyozigelezela lizigingqikele lona usuku nosuku kuwe njengokuba ubusuku nemini kugeleza kungagejani .

Futhi shlobo sami ,abantu bayaqaphela .Bayaqaphela ukuthi unethemba noma noma awunalo .Ngubufakazi bakho kubona lobo .Ngakho njalo njalo phezu kwakho konke enhlizizyweni  yakho mhloniphe uKhrestu eyiNkosi.Okunye sekuyozigelezela . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.