... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Angisese,Angijabule ,Ngikhona Ngize Kuwe Nkosi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Jobe 1:21 wathi:Ngaphuma ngize esizalweni sikamame; ngiyakubuyela khona ngize; U Jehova wapha, uJehova uthathile; Malibongwe igama likaJehova.” Kukho konke lokho uJobe akonanga, akamthelanga uNkulunkulu okubi.

Listen to the radio broadcast of

Angisese,Angijabule ,Ngikhona Ngize Kuwe Nkosi


Download audio file

Kwezinye izinsuku uke uvuke uzizwe u-flat .Nami kuke kungenze ngivuke ngizwa impela ukuthi ayi kuyaheleza kimi.Uyazi ukuthi simelwe ukugcwalwa ngukuthokoza kweNkosi ,kodwa uthole ukuthi sizizwa si-flat okwempela .Kuba kanjalo .Manje kwenziwanjani esimweni esinjalo ?  

Kuyisekuseni ngelinye ilanga ngokwejwayelekile ngifunda iZwi futhi ngikhuleka  –ngangivuka kanjalo ,kuyimpilo kimi.Kwakungekho lutho olu wrong ,kodwa intokozo nokuthula okujwayelekile engiye ngikuzwe uma ngiphambi kukaNkulunkulu kwakungekho nhlobo ngingakuzwa . 

Ngakho ngathandaza ngathi “Nkosi angisese ,angijabule ,kuphela ngize kuwe phaqa”  .Yilokho kuphela okwakukimi ,futhi okuhle ngukuthi uNkulunkulu uyakuqonda lokho .uJesu uyakuzwa ukuthi uthini .Naye wahamba emgwaqeni yothuli yakulomhlaba.Angisho ukuthi kulolo suku ekuseni uMoya oNgcwele wangiholela kulesahluko : 

Jobe 1:21,22Wathi:Ngaphuma ngize esizalweni sikamame;

 ngiyakubuyela khona ngize;

   UJehova wapha, uJehova uthathile;Malibongwe igama likaJehova.”

Kukho konke lokho uJobe akonanga, akamthelanga uNkulunkulu okubi.

Uma uyazi indaba kaJobe uzokwazi ukuthi wabhekana nenkilakayitheka yezimo nobuhlungu bempilo .Futhi ezikhathini eziningi wayengasese engajabule .Kodwa ukwethemba kwakhe uNkulunkulu akukaze kuzamazame . 

UJehova wapha, uJehova uthathile 

Imizwa yethu iyakhula iyancibilika ,nenhliziyo iyaqina ngelinye ilanga ivese ichitheke njengamanzi.Kodwa iZwi likaNkulunkulu limile liqinile kukho konke lokho.UNkulunkulu wethembekile kukho konke .Uyakuthanda kukho konke .Yingakho noma ngabe sizizwa kanjani singasho nathi sithi ….. Malibongwe igama likaJehova.”

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje. 


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy