... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Akuyona Indlela Elula

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Genesise 3:16,17 Wathi kowesifazane: “Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu. Ukunxanela kwakho kuyakuba sendodeni yakho; yona iyakukubusa.”  Wayesethi ku-Adamu: “Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho

Listen to the radio broadcast of

Akuyona Indlela Elula


Download audio file

Ngingakubuza ukuthi umndeni wakho unjani? Bujule baqina kangakanani ubudlelwane bomndeni wakho ? Ngoba asibhekane neqiniso  lokuthi kulesikhathi sobuchwepheshe obusheshayo ,lakhona i-technology isihlezi izithonto ezithendeni ekuphileni kwethu ,lokho kwenza umndeni ungabi yisakhiwo esilula . 

Usuke ucabange mawuzindla uthi “ hhayi ngeke kumele  engabe kunendlela yokuthi kube lula kunalokhu engibhekene nakho!”? Kodwa uthole ukuthi ngasizathu thizeni umndeni wakho unezingxaki eminye imindeni engenazo . 

Ngamaholidi sike sahlangana nenye i-couple ebukeka isibe semshadweni kamtoti yonke leminyaka yayo ,isithathe nomhlalaphansi ,bazihlalele onqenqemeni edolobheni  la kushaya khona ihele lomoya elimnandi …babukeka bechachambile nasebusweni ,konke okwabo kubukeka kukuhle ungabala ungaqedi . 

Okuthi kodwa mase usondela eduze uhlala nabo phansi ,bubuhle buchachambile bunjalo ubuso babo  uthola ukuthi kunezingane zabo esezikhulile ezibaqhumisa amakhanda ,lokho kanye kukwenza ubone ukuthi awukho umuzi  ongashunqi ntuthu yakhona .Futhi kunesizathu salokho :

Genesise 3:16,17Wathi kowesifazane: “Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu. Ukunxanela kwakho kuyakuba sendodeni yakho; yona iyakukubusa.”

Wayesethi ku-Adamu: “Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho

Siphila emhlabeni owele esonweni .Umhlaba ogcwele izingcindezi zokuphila .Umhlaba ongenabo abantu aba perfect .Ngakho sihlobo sami yazi lokhu ,akuwona nje umndeni wakho kuphela.Yonke imindeni inezinkinga zayo ,yonke imindeni inemzabalazo yayo . Kodwa khumbula lokhu ,uNkulunkulu uyawuthanda umndeni ,uyawuthanda umndeni ngaphezu kokuba amagama  abengachaza . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.