... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Abantu Abangekho Perfect

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 7:3-5 “Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni, na? Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho;’ bheka, ugongolo lusesweni lakho. Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke uzakubonisisa ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu.

Listen to the radio broadcast of

Abantu Abangekho Perfect


Download audio file

Ngakho nanku umbuzo ongemnandi ,ngakube ngubani emndenini wakho ocikana kakhulu? Ungasho ! Awusho phela ! Ngakube ngumyeni wakho ,unkosikazi wakho ,zingane zakho,kumbe abasemzini okungaba umamezala noma ubabezala nabani na omunye ? Yimuphi othi mawumcabanga uzwe isicanucanu senhliziyo  kunabo bonke abanye ?

Impilo iyazihlela yona ,ungabakhetha abangani bakho kodwa ngeke uzikhethe izihlobo zakho .Nakuba amanye amasiko enza isakhiwo somndeni  sibe ngcono kunamanye amasiko,ngesikhathi sizicabangela thina kakhulu lokho kwenza kube nzima ukuphila esakhiweni esingumndeni . 

Into evamisa ukwenzeka emindenini eminingi ngukuklayeka kwemindeni .Abazali ,yizingane,enizalana nabo,oganele kubo ,abakubo kankosikazi wakho  uthole ukuthi abakhulumisani iminyaka .Ake sithole isambulo kulendaba! Akukhona lokho okusehlelweni lukaNkulunku ! Manje pho uzihlela kanjani ukulungisa lokho na? Uba kanjani yithuluzi esandleni sakhe ukuletha ukuphila nokusinda emndenini wakho? Ngena …Jesu :  

NgokukaMathewu  7:3-5 “Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni, na?  Ungasho kanjani

kumfowenu ukuthi: ‘Ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho;’ bheka, ugongolo lusesweni lakho. 

Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke uzakubonisisa ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu.

Yisikhathi sokuthi lesi wehle nawe esibhakabhakeni qede uvume ukuthi kungenzeka nawe uneqhaza owalibamba ukuklayeka komndeni wakho ? Futhi ngakube bese kuyisikhathi sokumukela incaphephe engakuwe na ?

Bheka ,uNkulunkulu uyawuthanda umndeni wakho ,ufuna ukuwuphulukisa ,ufuna ukwenza lokho ngokuqala ngawe kuqala .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.