... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Bambelela Esiphambanweni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 1:18,19 Ngokuba izwi lesiphambano kwababhubhayo lingubuwula, kepha kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabaqondileyo ngikwenze ize.”

Listen to the radio broadcast of

Bambelela Esiphambanweni


Download audio file

Angazi noma sewake wathathwa kancane ,wakhatshelwa eceleni kumbe udelelwe ngenxa yokulandela uJesu ,kodwa angikutshele ukuthi ngumuzwa ongemnandi .Sengikushilo lokho ,kuthi uma usumi ubuka emumva ,akumangazani futhi ukuthi kuyenzeka .

Ake sicabange lomongo ojulile wobuKhrestu wokuthi sonke sonile futhi ngakho ,asisoze saba ngabahle ngokuphelele ngokwethu ukuba semukeleke kuNkulunkulu .Kodwa usithanda kakhulu kangaka ukuthi wathumela uJesu Khrestu iNdodana yakhe ukuba azosifela asihlawulele izono zethu ,ukuze yilowo nalowo okholwa nguYe,uzohlanjululwa emehlweni kaNkulunkulu  qede aphile engunaphakadeni eZulwini naYe . 

Kodwa uma uphila impilo ngokwendlela yezinto ezikufikelayo empilweni yakho usuku nosuku , uma mhlawumbe kungukuthi yonke lento yobuKhrestu iyinganekwane kuwe … lenkolelo engumongo wobuKhrestu ingazwakala ingukuhhema nje . Angimubi ngaleyondlela kungani uNkulunkulu angeke avese angithethelele uma engithanda ?Kungani ukuthi aze agolophe kangaka avume  kufe iNdodana yakhe ngenxa yokuduka kwami? 

1 KwabaseKhorinte 1:18,19Ngokuba izwi lesiphambano kwababhubhayo lingubuwula, kepha kithina esisindiswayo

lingamandla kaNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabaqondileyo ngikwenze ize.”

Iphuzu lapha ngukuthi kuzwakala kungumsangano .Yingakho  bebaningi abaphikisanayo nendlela kaNkulunkulu yentethelelo ! Yingakho abantu bekubuka njengomatindane uma ngabe ukholwa yilomongo waleliqiniso .Yingakho bekuthatha kancane bakukhabele eceleni  bakudelele. 

Kodwa kuwe sihlobo sami uma ukukholwa lokhu nakanjani uyasindiswa ngakho usuku nosuku ngokholo kuJesu .Ngakho ngesikhathi izwe likuklabalasela ngokuthi zikushiyile ekhanda ,iyodwa into okumele uyenze .Bambelela esiphambanweni . 

Yebo nembala umyalezo wesiphambano ungubuwula kwababhubhayo kodwa ungamandla kaNkulunkulu kithina esisindiswayo ngokholo .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.