... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukukhululwa Esandleni Somubi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 97:10-12 Nina enithanda uJehova ,zondani okubi;Uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo;uyabasindisa ezandleni zababi.Ukukhanya kuhlunyelelwe olungileyo;ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho. Jabulani kuJehova nina balungileyo ,nibonge igama lakhe elingcwele .

Listen to the radio broadcast of

Ukukhululwa Esandleni Somubi


Download audio file

Awukuzondi ukuthi abantu ababi babe ngcono ngawe ? Kukucika kude le .Uze uthi : “Nkulunkulu uthini ngempela kimi? Ukuvumele lani lokhu kwenzeke kimi?”  

Nginomngani owenza kahle kakhulu ebhizinisini ,okwathi ngenxa yalokho waba nenzuzo eningi ,ngiqonde imali .Ungenzani  ngemali eningi masuyitholile ? Kusobala ,uma ukholwa nguJesu ,uyayisebenzisa emsebenzini weNkosi ukuze kusindiswe abantu abaningi ngokunikela kwakho .

Kodwa akubanga sikhathi eside ekwenza lokho ,kwavese kwanabantu abamfaka icala ,hhayi ngoba kukhona utho olubi ayelwenzile kodwa babona ithuba lokuthola lemali ekuye ngoba yena ngesikhathi enikela ngesihle kwakunogalakajana abathi awu ilahlile lemali .

Icala leli lathatha isikhathi eside ,elabe selimbangele ingcindezi enkulu .okwathi nangamhla seliphetha ,iningi kakhulu imali abe eselahlekelwe yiyo ingena emaphakatheni angafanele ,ngenxa nje yokuthi kukhona ababi abamlamela enikela  ngesihle ngemali yakhe ayisebenze kanzima .

Loluhlobo lokungabi nabulungiswa luyenzeka kithi sonke ,nakuba lwenzeka ezingeni eliphansi kunalomzalwane ongusomabhizinisi kodwa nathi siyehlelwa yizehlo ezinjalo . Nkulunkulu yini le oyenza kimi ?!

Amahubo  97:10-12 Nina enithanda uJehova ,zondani okubi;Uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo;uyabasindisa ezandleni zababi.Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo;ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.

Jabulani kuJehova nina balungileyo ,nibonge igama lakhe elingcwele .

Izibhalo azihlali zibeka ngendlela thina esithemba zizobeka ngayo .Kodwa uma kungukuthi njengamanje ubhekene nesandla esingenabulungiswa empilweni yakho kumbe ngamhla ubhekana naso. UJehova uyakukusindisa ezandleni zababi .Ukukhanya kuzosa kuwe futhi nentokozo izokhanyisa inhliziyo yakho .Bambelela kulokho ungadedeli. 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.