... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kungani Abantu Besebenza Kanzima Kangaka ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Umshumayeli 4:4 Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.

Listen to the radio broadcast of

Kungani Abantu Besebenza Kanzima Kangaka ?


Download audio file

Njengoba ngingumuntu okukholelwayo ukusebenza kanzima (yimi lowo!) ngesikhathi ngiqhubeka ngikhula ,ngiqala ukuqaphela ukuthi ukusebenza kanzima kunakho okusethikile okungawubungozi .Yilokho kanye okusithekile esizokhuluma ngakho namhlanje . 

Intshisekelo yempumelelo yilokho kanye abantu abakhathazeke ngakho usuku nosuku emhlabeni wonke , kwabaningi impela .Futhi ukufuna ukwenza okuhle kumbe ukukhula ngokuhle okwenzayo kuyinto enhle kodwa uma sekujombela esigabeni esithize sekuyinkinga .Kodwa  baningi abantu [nami ngike ngaphila kanjalo]  banikela izinto ezisemqoka kakhulu kubo –imishado yabo,ukuba seduze nezingane zabo,nomdlandla wokuguqula umphakathi okuwo ngokuhle –konke  bakubeke e-althari ngenhloso nje yokuthola impumelelo. 

Kwesinye isikhathi ufanelwe ukuzibuza ukuthi kungani abanye abantu?  Besebenza kanzima ? Futhi uma kuyimibuzo leyo obuzibuza yona ,ngakho awuyena owokuqala .Kahle hle ,eminyakeni engu 3 000 eyadlula inkosi yakwa Israel uSolomoni yabhala yathi: 

Umshumayeli  4:4Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.

Ngakho umbuzo onzima kuwe .Uma ungumuntu osewangenwa ukusebenza kakhulu kuze kweqe ,kusezingeni elingakanani kuwe okukulenkulumo kaSolomoni ,uma ungasho ngokwethembeka  nangokusobala ? Kungani kuwe okungumoya wokushikashikeka ngenxa nje yokuthi awufuni ukwedlulwa ngabanye abantu ,bangabi nezinto eziningi wena ongenazo ,ungasho Sihlobo?

Nanti iZwi lesexwayiso : Nalokho kuyize nokufuna umoya.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … 

Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.