... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukumangazeka Esikhaleni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

URuthi 2:4 Bheka, uBowazi wafika evela eBetlehema, wathi kwabavunayo: “UJehova makabe nani.” Bathi kuye: “UJehova makakubusise.”

Listen to the radio broadcast of

Ukumangazeka Esikhaleni


Download audio file

Noma ubani oshadile uzokutshela ukuthi kuke kuvese kungazelelekile avese uwakwakhe enze into ebengayilindele sanhlobo ukuthi uzoyenza .Uzitshele ukuthi ubumazi umkhwenyana wakho kumbe unkosikazi wakho ,uvese ubone ngebhomu isiqhuma esikhaleni!

Manje kuhle lokho ngoba kwenza kube yinhlabamxhwele ukuba kuloluhambo.Iqiniso ngukuthi soze wamazi umuntu golokoqo 100%,ngisho kungathiwa usube semshadweni naye iminyaka engu 50 nangaphezulu. 

Manje ake siyithathe leyondaba siyifake kithi ebudlelwaneni noNkulunkulu.Nakuba sikulangazelela ukumazi ,mkhulu usabalele kakhulu ,unamandla phezu kwamandla onke ,usezindaweni zonke sikhathi sinye ,akanamngcele omvimbayo onjengathi esiphila phansi kwawo okuyisikhathi nokunye – futhi ukwenza kwakhe izinto ngokusimangalisa kuhlale kukukhulu ngaphezu kwawo wonke umuntu esimaziyo . 

Uma kungukuthi uke uyifunde incwadi ka- Ruthi kwi Thestamente Elidala ,uzokwazi ukuthi waba ngumfelokazi esemncane kakhulu futhi ezweni lokuhamba . Kodwa wathembeka wanamathela kuninazala uNawomi naye owayengumfelokazi ,okwathi  engazi lutho engazelele sanhlobo wavese uNkulunkulu wanquma ukumbusisa . 

Ngakho sibona uRuthi esebenza emasimini ,ngokungazelele nakhu qhamu thushu sekuvela umnininsimu . 

Ruth 2:4Bheka, uBowazi wafika evela eBetlehema, wathi kwabavunayo: “UJehova makabe nani.” Bathi kuye: “UJehova makakubusise.”

Futhi uma kungukuthi lendaba uyazi kahle yonke uzokhumbula ukuthi uRuthi noBhowazi bagcina beshada ,futhi uRuthi[engowezizwe okudlulele kakhulu!!]  Useba ngomunye wesifazane kwabathathu  ababalulwa olibweni lukaJesu kuMathewu 1. 

Inhloso yokuba ngikucobelele lendaba yingoba ngifuna ungamvaleli uNkulunkulu ebhokisini elincane .Ungavumeli ongakulindela kuye ngawe  kuzike kube yinto ephansi kuze kube ngukuthi nobudlelwane bakho naye bube nduvunduvu .Ngokuba usemsebenzini wokukumangaza ungalindele ….uthi awu Nkosi nalokhu bengingakwazi . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.