... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngalolosuku …

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Malakhi 4:2 Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga ,linokuphilisa emaphikweni alo ,niyakuphuma nitshekule njengamathole esibaya.

Listen to the radio broadcast of

Ngalolosuku …


Download audio file

Iningi lethu ukuphendula ngokwenze ngobubekwe kukho [accountability] kuyinto enhle .Sonke simelwe ukuba responsible ngezenzo esizenzile .Kumele kube nomvuzo ngobuhle nesijezo ngobubi …akumele kube njalo?

Izolo sibonile ukuthi babhonga balwe kanjani labo abangakholwa uNkulunkulu ,bamelane nendaba yezulu nesihogo  … ngisho nakuba bengakholelwa nokukodwa kwalokho .Futhi ungangabazi uNkulunkulu usazobenza baphendule ngalokho:

Malakhi  4:1 “ Ngokuba bheka luyeza usuku luvutha njengeziko ,bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi ,luyakubashisa lolosuku oluzayo”  Usho uJehova sebawoti lungabashiyeli mpande nagatsha .

Kodwa  sithini ngolunye uhlangothi ? Sithini ngalabo abaphila izimpilo zabo bazisa uNkulunkulu ? Kuzokwenzakani kubo ngalolosuku lokwahlulelwa oluzayo ,nakanjani?  

Malakhi  4:2 Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga ,linokuphilisa emaphikweni alo ,niyakuphuma nitshekule njengamathole esibaya.

Futhi nala nanku umfanekiso nakuba ulufifi ungaphelele.Angazi noma sewake waba semakhaya kusekuseni ,ubuke ilanga liphuma ,nanka amankonyane etshakadula esibayeni ,kumbe egcekeni …kuyinto ethokozisa kakhulu ukuyibuka ,kithi nje esalusa sikwazi kahle lokhu ,kwenza ujabule umoyizele ngisho kuthiwa  ubuvuke ungakathandi . 

Sihlobo sami angikutshele ukuthi yiyona mpilo leyo ehlelelwe labo abesaba igama likaJehova ,abaphilela ukumhlonipha ndlela zonke abangenza ngazo ,abamlindela ngokuzinikela okunzima babe njengabafundi baKhe . 

Ngakho uma ungomunye walabo …uNkulunkulu uhlele ukukubusisa ngentokozo engachazeki kusuka manje kuya ephakadeni . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.