... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Okuba NjengoNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 EkaPhethru 1:3,4 Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe, esiphiwe ngakho izithembiso eziyigugu nezikhulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha okusezweni ngezinkanuko

Listen to the radio broadcast of

Amandla Okuba NjengoNkulunkulu


Download audio file

Akungabazeki ukuthi uke uzizwe sengathi undiza phezulu ,wena ongafunga unakho konke.Ebese kube nalezonsuku oke uzizwe ungenamandla  engathi inhliziyo ile ozwaneni . Mhlawumbe ziningi izinsuku  ophansi kuzo phezu kwalezi ezinye . 

Incaphephe esivamisa ukuwela kuyo sonke ,ngukuzama ukuziqhathanisa nabanye abantu .Ngoba inkinga siqhathanisa lezinsuku zethu esiphansi ngazo nezabo  abasuke begida bodwa kuzo bendiza phezulu –lokho sikwenze kube sengathi bona ababi nezinsuku ezibazikisa phansi  .

Okuyilokho okugcina kusenza singabi namandla ,ngokokwecebo uNkulunkulu asiphe wona ngalo ,okwedlulele sigcine sesihlulwa nawukwenza lokho asibizele ukukwenza .Kodwa ubuzothini uma bengizokutshela ukuthi uvese uNkulunkulu usekunikile  okudingayo ukumkhonza ngakho uphile impilo ecabanga Yena ngokujulile ? 

Empeleni ngingakutshela lokho kodwa akuyikubonakala nokuthi kukhona iconsi lomehluko empilweni yakho .Kodwa uma kunguNkulunkulu okhuluma lawomagama empilweni yakho ,awu shlobo kunamandla angachazeki lokho  ,awadedela asebenze kuwe!  

2 EkaPhethru  1:3,4Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu

esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe,  esiphiwe ngakho izithembiso eziyigugu nezikhulukazi, ukuze ngazo nibe

ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha okusezweni ngezinkanuko

NgoJesu unakho konke okudingayo empilweni ukukuthola ungophilela uNkulunkulu .Ingcebo enkulu kangaka ! Ngakho yima manje ukuziqhathanisa nabanye abantu .Phila emandleni aKhe  . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.