... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ubusisiwe O …

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaPhethru 2:1 Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nokuhleba konke

Listen to the radio broadcast of

Ubusisiwe O …


Download audio file

Indlela esibabuka ngayo abanye abantu incike kakhulu ekutheni sibaphatha kanjani .Futhi indlela esibabuka ngayo ayivamisile ukuba ngenempilo .Ngakho ake ngibuze kunini lakhona owake  wasusa ugongolo emehlweni ukuze ubabone kahle?

Kuningi ukubuka esinquma ngakho ukubukeka komuntu ngokwengqondo yethu .Umhawu ngokunye kwakho ukubuka .Ukungathembeki kuye sibe ngabaangboni emehlweni ngenye yezindlela yokubabuka leyo.Njengokuba kuyintshisekelo yethu ukuthi sicatshangwe ngokwezinga elihle neliphakeme ,nokuba izinto zihambe ngendlela yethu .Uma bengingabuza lolohlobo lwezibuko esibabuka ngazo luwugqinsi kangakanani ,olugcina selusibonisa okungesikho? Futhi kungakanani lokho kubuka okugcina sekusiholela ekuziphatheni okungekuhle ?Ekuchilizeni abantu ,sibalimaze ,ekungathembekeni ,ekubeni nomona ngabo nasekubahlebeni  ?

Ngingakukhuthaza yini ukuma ucabange emumva ngalowamuntu owamlimaza  wamenza wazizwa engenankuthalo  … ngokwezinga lokuthi  nawe uthi mawucabanga uvese uzisole ngaleyonkambiso yakho kuye?

Futhi ake kuthi ngesikhathi usabuka emumva le ngokwenzeka ,akuvumele uNkulunkulu ukubumba kabusha lobobudlelwane obalimala :

1 EkaPhethru  2:1 Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nokuhleba konke.

UNkulunkulu uBaba wethu ,njengobaba bonke uthanda ukuba zithandane izingane zakhe njengokuba naYe ezithanda .Yeka amandla okubonakala kothando lwaKhe ,uma sithanda labo abasizungezile sibathanda ngothando ncimishi asithanda ngalo .Futhi njengokuba kukhona owake wathi …..

Ubusisiwe ofunde ukuncoma hhayi abe nomhawu,ukulandela hhayi alinigise ,ukudumisa hhayi adle izithende zomunye ,nokuhola hhayi aqhoqhobale abantu .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.