... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukwesaba Ukufa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 5:6-8 Ngakho simi isibindi ngesikhathi sonke, sazi ukuthi, nxa ikhaya lethu lise semzimbeni, sahlukene nekhaya eliseNkosini; ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona; simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni, sihlale ekhaya eliseNkosini.

Listen to the radio broadcast of

Ukwesaba Ukufa


Download audio file

Iningi lethu alinkamunkamu  ukuzwa igama elithi ukufa .Ngakolunye uhlangothi sazi kahle ukuthi nakanjani ukuthi sizofa . Kodwa khona kunjalo asifuni sanhlobo lufike lolosuku .

Sonke siyabhekana nalomzabalazo  ngokwezinga elithile  futhi okuthi ngesikhathi  siqala siqhaka izimvu emakhanda  nesikhumba sethu sesiba nemibimbi ,yilapho okuya  kucace  engqondweni ukuthi ekugcineni amathunzi ayewukela ,kuseduze phambili kukude emumva . U-Berni uthi ngamhla ebhala le devotion yanamhlanje,wayesathi uhlela ukuthatha uhambo olude  ,ngokuphazima kweso wathola  umbiko ngokuthi uNina  oneminyaka engu – 92 uvese waqhibuka wawa phansi waphuthunyiswa esibhedlela.

Angingabazi ukuthi ngesikhathi elele esibhedlela esatatazelelwa ukuba alapheke ,engqondweni yabe iminingi imicabango kuye engokufa ngaphezu kokucabanga ngakho mina nawe esiziphilelayo . 

Ngakho uma kwenzeka nje ukuthi lento yokwesaba ukufa ihlasela umqondo wakho kungekudala , nanti iZwi likaNkulunkulu elikhuluma kuwe ngalokho kanye :

2 KwabaseKhorinte  5:6-8Ngakho simi isibindi ngesikhathi sonke, sazi ukuthi, nxa ikhaya lethu lise semzimbeni, sahlukene nekhaya eliseNkosini;  ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona;  simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni, sihlale ekhaya eliseNkosini.

Yeka inkuthazo engaka ! Uma ukholwa kuJesu ,uyokwazi ukubhekana nalowomzuzu wokugcina emhlabeni uyobhekana nawo ugcwele ni? Isibindi. Njengokuba u- Charles Spurgeon wake wathi , “Bathandwa ningakwesabi ukufa . Ukufa yinto ele ekugcineni futhi encane ukuba ikholwa lingakhathazeke ngayo” 

Uma ukholwa nguJesu ngeqiniso ,ayikho  into engakwenza wesabe ,asikho nesincane isidingo lesi.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.