... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukulanangazelela ukuguqulwa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 12:11 Ekukhuthaleni ningenqeni,nivuthe emoyeni,nikhonze iNkosi

Listen to the radio broadcast of

Ukulanangazelela ukuguqulwa


Download audio file

Nakanjani wonke umuntu ufuna impilo engcono ,noma ngabe kwenzekani.Kodwa kwabaningi kunento eshodile ,abantu abayibeke kude le ,okuyikho okubamisa ukuphila lolohlobo lwempilo .

Ake ngibuze ngakube uphila ongathi ngengu ‘best’ kuwe?  Ngakube ula uNkulunkulu afuna ukuba ube khona ugcwalisiwe ngentokozo nokwaneliseka ngisho kungathiwa uthuka uqhuzuka kulawoma bump emgwaqeni ? Kumbe ngokwethembeka ngakube udinga ukuthembeka uvume ukuthi cha kukhona okushodayo empilweni yakho ?

Futhi uma ufuna ukuyibamba ngqi leyompilo,uyifuna ngokungakanani ingempela ? Ukulangazelela kanjani ukuphila impilo yakho ngokweqophelo eliphezulu ;uphile impilo echichimayo uJesu eza ukuzokunika yona ,ube ngothela izithelo eziningi kokwenzayo?

Isizathu ngikubuza ukuba uwucabange lombuzo  –futhi ngiyaqonda ukuthi usengaba ngumbuzo othanda ukungabi ntofontofo ukuwuphendula  lokho kuba ngenxa yokuba sesigabeni la khona impilo yakho uyizwa ingesikho lokhu okumele ibe yikhona ,uma ufuna ukuyiphila ngempela lempilo uNkulunkulu akuhlelele yona , uma kunjalo nansi into hleze okuyiyona eshodile :

KwabaseRoma  12:11 Ekukhuthaleni ningenqeni,nivuthe emoyeni,nikhonze iNkosi

Abanye abantu bayenqena  mase kuziwa ekukhuthaleni ,elesiGrekhi lithi lona ‘ningavilaphi’ ,lokhu kwenqena kumbe ukuvilapha kuyigama eliphikisana ngqo nelokuvutha ,ushisekele ,uhlabele phambili ngejubane ,ukhuthale .

Ukukubeka kunjengoba kunjalo ,abanye abantu bayayifuna leyompilo engcono ,bayafuna ukuyikhonza iNkosi ,kodwa abakufuni ngokuphelele.Ukhona onjalo omaziyo?

Shisekela ,lubalubeka ,langazelela khuthala ,hlabela mgama . UNkulunkulu ukulindele nempilo ehlabele phambili engcono kakhulu ngaphezu kobungakucabanga .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.