... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuhlolisisa Uhlobo Lwabantu Ophila Nabo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 6:14,15 Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na? Unakuzwana kuni uKristu noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?

Listen to the radio broadcast of

Ukuhlolisisa Uhlobo Lwabantu Ophila Nabo


Download audio file

Ukholo lwakho nolwami kuNkulunkulu alumele luncibilike qede lushabalale .Lutho sanhlobo ,icebo likaNkulunkulu ngukukhulisa ukholo lwethu ngisho kuthiwa kunezigodi namagquma  okuphila ,konke ukwenza ukuze sizuze futhi akhazimule . 

Izolo siqala loluchungechunge olufishane olungokuthola amandla amasha okholweni olufadabalayo ,besisabela esicelweni esenziwa ngowesifazane olalela le Fresh devotion zonke izinsuku .Ekukwenzeni lokho sixoxe ngezingqinamba ezimbili ezidonsela phansi ukholo lwethu ;isikhwama esisindayo esisithweleyo esisuka naso kwisemumva lethu esisenza sihambe sicothoze kunye nesono esisenza sithi vuh phansi .

Namhlanje sizobuka ingqinamba eyimbangela yesithathu okuluhlobo lwabantu esiphila nabo esibagcinayo empilweni yethu .

2 KwabaseKhorinte  6:14,15Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni

ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?  Unakuzwana kuni  uKristu noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?

Nebala sizozungezwa ngabantu abangakholwa nguJesu Khrestu .Kumele futhi kube njalo .Simelwe ukukhazimula ukukhanya kwakhe ezimpilweni zabo .Kodwa ake ukuqaphele indlela uNkulunkulu akhomba ngayo uhlobo lwalobudlelwane bethu nabo ,uma ethi … Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo

UNkulunkulu akushoyo la ,ngukuthi ukujula kwalobobudlelwane  okugcina sekuyibo ,kusikhathi sinye sivumela labo abangakholwa nguJesu ,yebo labo kanye  ngisho abamelene noJesu bagcine sebesifaka umthelela wohlobo lokuphila abakuphilayo ,okusikhathi sinye kanye ubuhle bethu  buzophenduka bubengububi babo .

Ufuna ukholo lwakho  lukhule kuNkulunkulu ? Ngakho ungavumeli abangakholwayo bakuhlehlise kuJesu . Konke kuncike ekutheni uphila nobani empilweni yakho .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.