... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukusiza Okuphindaphindiwe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Ukusiza Okuphindaphindiwe 2 Amakhosi 2:9 Kwathi sebewelile ,u-Eliya wathi ku –Elisha : “Cela engiyakukwenzela khona ngingakasuswa kuwe.” Wathi u-Elisha : “makuphindwe kabili umoya wakho phezu kwami”.

Listen to the radio broadcast of

Ukusiza Okuphindaphindiwe


Download audio file

Angazi noma kwenzeka kimina kuphela ,uzithole ujuluka kweqe ,uzama ukwenza okusemandleni ukujulukela uNkulunkulu  …kodwa uzwe kunzima .Uzizwe sengathi uNkulunkulu akakunye nawe futhi kube sengathi uwedwa  lomthwalo uwuphethe  ngokwakho . 

Uyabona yindaba leyo ezwakalayo .Kunabantu abalalele lenkulumo abacabangayo ukuthi , ‘yinto yokugcina engingayenza ukusebenzela uNkulunkulu .Lutho ! ?’ Kodwa noma ngabe ukuphi njengamanje ,iningi lethu siyathanda ukwenza okuhle ,angithi ? Kodwa ukwenza okuhle kusengaba ngumsebenzi onzima ngezinye izinsuku . 

Njengoba ngiqhubeka ngikhula kuyanda kimi ukuqhela emqondweni wokwenza izinto ngamandla ami.Angiziboni impela kube kukhona uNkulunkulu onamandla angakalekiyo ,nokushisekela okukhulu ukusibusisa anakho ngathi .Yini le engenza ufune ukujuluka wedwa ngamandla akho ?  

Mumva le kwi-Thestamente Elidala kwakunomphrofethi omdala ogama lakhe ngu-Eliya owayenoyisandla  sakhe sokuphonsa u-Elisha .Okwathi ngamhla sekushaye isikhathi sokuba u-Eliya aye ekhaya kuNkulunkulu …nakhu la kuchazwa khona :

2 Amakhosi  2:9 Kwathi sebewelile ,u-Eliya wathi ku –Elisha : “Cela engiyakukwenzela khona ngingakasuswa kuwe.” Wathi u-Elisha : “makuphindwe kabili umoya wakho phezu kwami”.

Oqobweni lwesicelo esinjalo kusikhombisa ukuthi u-Elisha wabe engafuni ukwenza izinto ngamandla akhe .Futhi lokhu kanye akucela yikho ncamashi akutholayo .Nkathi u-Eliya enyuswa kwasala ugcobo oluphindaphindiwe  kuye uNkulunkulu alwehlise ngoMoya waKhe –emnika amandla negunya elikhulu . 

#Bamba lokhu : Yima ukujuluka ngokwakho kodwa cela ugcobo ,cela amandla aphindiwe kuNkulunkulu . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.