... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Waphakanyiswa Entobekweni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphi 2:7-9 kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu; wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano. Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke

Listen to the radio broadcast of

Waphakanyiswa Entobekweni


Download audio file

Kuhle angithi uma abanye abantu bekutusa bekubona unenani elihle  okokuthi ungubani ,yini futhi oyenzile ,mhlawumbe ngisho i-potential abayibona kuwe .Kuhle lokho .Kodwa siphila emhlabeni lakhona sekuguguleke konke lokho . 

Ukufana noJesu akuyona into evese yenzeke ngokuphazima kweso ebusuku kuse ekuseni usufana naye .Kimi akubanganjalo.Kuwe ? 

Njengokuba sisahambisana njengamanje ,senzenjani ngalomuzwa lulangazelelo lokuthandwa ngokokuthi abantu bafune ukufana nathi ,ukucatshangwa kahle ,ukushayelwa ihlombe ukuthi sibahle kanjani? 

Ekugcineni kwakho konke ,kungenye into ukutuswa ngabanye abantu .Kungokunye futhi ukulubekela  wena luqobo ukufuna ukubonwa nokuthola imiklomelo nemivuzo .Ngena Jesu  :

KwabaseFiliphi  2:7-9Kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu;  wathi efunyenwe

enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano. 

Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke

Lokho kungitshela ukuthi isenzo esedlula zonke ezinye ngokwentobeko selokhu kwadabuka umhlaba ,kwaklomelisa uJesu ngomvuzo omkhulu wokuphakanyiswa kakhulu phezu kwayo yonke imivuzo eseyake yakhona emhlabeni .Inqubo yinye ayiguquki ,iyilokhu uJesu akwenza nathi esifanelwe ngukukwenza .

Ngesikhathi usaqhubeka  ohambweni lwakho noJesu –nakuba kwezinye izinsuku uzizwa ubeka unyawu ngalunye ,kwesinye isikhathi uzizwe sengathi ziyadonseka –uthola ukuthi ngesikhathi uqhubeka uzithoba ,ngesikhathi uqhela ekufuneni ukubonakala ,nonoxhaka bemiklomelo yakulomhlaba ,kuba sikhathi sinye uthola uzwa isibusiso sokuphila ukhululekile ekufuneni ukuba uhlabekisa ;uphile ungafune kuqapheleka mawuthi shwi endaweni. 

Futhi angisho shlobo sami ukuthi ngesikhathi uNkulunkulu ekubusisa ngezindlela zakhe eziphakemeyo ongeke wazicabanga ,okwakho qhubeka uzithobe .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.