... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungasebenzi Kanzima Kakhulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFesu 2:4,8 Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo,  ….Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu

Listen to the radio broadcast of

Ungasebenzi Kanzima Kakhulu


Download audio file

Kubukeka sengathi enye yezindlela yokuya phambili empilweni kuba ngukuhlabekisa abantu ,siziveze singubucwazicwazi kubo nangokukhalipha okukhulu ,mhlawumbe yingalokho lesisisho sesingisi esingakho esithi  “dressed for success” 

Ngesikhathi ngiqala ukuhlangana nomkami kwakukhona ukufuna ukuziveza ngingohlabana umxhwele kuye ;ukuze naye azizwe ukuthi hhayi uthole ibhungu lempela ,ukuze angithande .Lokho kuyimvelo kithi .Kodwa manje njengoba sesibadala emshadweni angisekho kwihlabekisa kuye kodwa ngiphokophela ukuba yisibusiso kuye .Lokhu kungumehluko omkhulu ,yilokho uNkulunkulu angakho naYe akekho kwihlabekisa azozimaketha kodwa usicabangela ukusibusisa  .

Abaningi abakholwa kuJesu banomqondo othi kumele basebenze kanzima ukubenza  bathandeke  kuNkulunkulu ,bafise  athi woow ,bakwenza lokhu ukushwelezela amaphutha abawenza phambili bethi mhlambe hleze ahlabeke umxhwele .Kodwa akukhona lokho okungakho ,ngoba ….

KwabaseFesu  2:4,8Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo,  ….Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu 

Mhlawumbe uyakudinga ukukuzwa lokhu namhlanje ,yeka yima ukusebenza kanzima uzama ukuhlabekisa loNkulunkulu osevele sewakuhlawulela ukuba uthole isisa kuye .Ngeke ukujulukele ukuthandwa nguYe …Yisipho saKhe samahhala asevele usekuphile sona ngoJesu Khrestu  . 

Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.