... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Akukhona Ukuphumbutha Ebumnyameni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 12:44-46 Khona uJesu wamemeza wathi: “Okholwa yimi kakholwa yimi kepha ngongithumileyo.  Obona mina ubona ongithumileyo.  Ngize ezweni ngingukukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.

Listen to the radio broadcast of

Akukhona Ukuphumbutha Ebumnyameni


Download audio file

Uma ubuka ungaphandle kunokwenzeka ukuthi uzitshele ukuthi hhayi ukukholwa yindaba kaJesu kuyi –risk .Kwabaningi lendaba yokholo iwukuphumputha ebumnyameni.Wena uthini owakho umcabango  ?

Angisho ukuthi ngake ngangabaza ukuthi ngizinikele yini kulendaba yamaKhrestu noma cha .Ingqondo yayithi zizothini izimfuno azozifuna kimi loJesu .Ekaze akayikungithumela yini ekupheleni komhlaba ngihambise ivangeli [okuyinto kimi enganginkamunkamu ngayo ,yayingezwakali impela ]  ?

Nawe uma kungukuthi umlandele uJesu ,nakanjani angingabazi zikhona izikhathi zezivivinyo zokuzizwa sengathi uphumputha indlela ebumnyameni , uzibuze ukuthi “engabe  kwenzakalani ingempela? Ingani yonke lendaba ,ngakube kunalo inani ukuqhubeka kwami nalolubizo?” Konke lokho kwenziwa ngukuthi ungabazane luyi-package yohambo lokukholwa ,kubanezikhathi lakhona ufise ukubuza ukuthi ngabe nguye yini uMesiya lowo  noma cha . Phela ekugcineni kwakho konke uma bewazi ukuthi izinto zizoba kanjani ubungeke uludinge ukholo ,lukhona khona lokho kanye esingakwazi . 

Kodwa icebo likaJesu lihluke ngamalengiso kulokho kwethu ,akakaze akuhlose ukusigcina sisebumnyameni siphumputha :

NgokukaJohane  12:44-46 Khona uJesu wamemeza wathi: “Okholwa yimi kakholwa yimi kepha ngongithumileyo.  Obona mina ubona ongithumileyo.  Ngize ezweni ngingukukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.

Wakusho kanjani lokhu ? Wamemeza.Wathini?  “Ngize ezweni ngingukukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.”

Kubukeka kuwukuthi ukuthatha igxathi ukholwe nguJesu akukhona ukuphumputha ebumnyameni kodwa yigxathi lokungena ekukhanyeni !

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.