... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungavumi Lucime Ukholo Lwakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KuMaHebheru 12:1,2 Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo.

Listen to the radio broadcast of

Ungavumi Lucime Ukholo Lwakho


Download audio file

Sewake waluthola ukholo  lwakho kuNkulunkulu lufiliza ?Kwake kwanesikhathi mumva le wawuvutha uvuthela iNkosi Kodwa manje lowomlilo sewakhathala ,sekufiliza kancane ilahle ezikhunini emlotheni omhlophe hhu ,nakhona uma kuyilezozinsuku. 

Mumva kwake kwanomuntu ,ongomunye wabathola idevotion yethu nsuku zonke ,wayecela simkhulekise ngokholo lwakhe .Wayecela ukuba luqine zikhathi zonke .Ngakho namhlanje siqala uchungechunge oluzosiza ukuqinisa ukholo lwakhe nolwakho !

UNkulunkulu usemsebenzini wokukhulisa ukholo lwakho ,nakanjani! Kodwa ekwenzeni lokho udinga ukubambisana nawe [nami futhi].Ngoba kunezinto mina nawe esizenzayo,ezingabangela ukholo lwethu luncibilike .! 

KumaHebheru  12:1,2 Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo.

Ukholo olukhulu lwalwabo abahambe phambi kwethu nabasihaqile ,lumelwe ukusiqinisa okholweni lwethu .Kukhulu lokho ,nebala kumelwe kube njalo .Kodwa nansi la elele khona: 

masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi

Sikhwama sini lesi esisindayo osithwele esikwenza ugqisheke ushone phansi?  Sono sini lesi ohleli kuso esikwenza ude utheleka phansi ?  Ukuqhumbuza ususe lezozinto ezenza ukholo lwakho lujame ,kuyigxathi elikhulu ekukhuliseni ukholo lwakho  .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.