... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Iphutha Elenziwa Ngamadoda (1)

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaPhethru 3:7 …Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.

Listen to the radio broadcast of

Iphutha Elenziwa Ngamadoda (1)


Download audio file

Masizothembeka indoda masekuziwa emndenini ,ingaba yisehluleki esibi kabi Okwempela ! Esikhathini esiningi asize singama kesicabange ukuthi kungakanani imindeni yethu ekudinga kithi ,ngakho silokhu siqhubeka siphindaphinda  iphutha elilodwa .

Iphutha elikhulu eliseqhulwini amadoda alenzayo imvama –nami ngiyazibala kulo iyangenza leyoncaphephe nami-ukungahloniphi kahle amakhosikazi ethu .Uhlelo lukaNkulunkulu ngukuba umndeni wakhekhe esisekelweni esiqine okwedwala somkhwenyana nenkosikazi kodwa sibe ngesigcwele uthando nobumnene. 

Ubunye buyaklayeka zikhathi zonke uma thina madoda siqhuzula singahloniphi lomuntu yedwa phaqa emhlabeni esimthandayo esizinikele kuye naye wazinikela ngokufanayo .Asiyibambe impela madoda le ngoba ukwakheka nokuwa komndeni kulele kithi ikakhulu.

1 EkaPhethru  3:7Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu

owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.

Umzabalazo wempilo yonke wendoda ngukukwazi ukumqonda unkosikazi wayo  –ngicabanga kuba ngumzabalazo wohambo lo lwempilo eqhubeka indoda ilokhu imazi izigaba nezigaba bephila ndawonye . Sengishilo lokho ,angikucacise ukuthi thina madoda sibiziwe ukuphila nomkethu sibaqonda kahle ngoba bakheke ngokuhlukile ngokungefani nathi sanhlobo .

Yebo owesifazane ubuthakatha ngokomzimba ,okuthi lapho kanye uNkulunkulu ubiza  amadoda ukuba abahloniphe omkabo .Singabi namazwi ahlabayo kubo.Singamehlisi isithunzi phakathi kwabanye abantu .Asiyiphathi sanhlobo ke eyokumbeka izandla isidlulele kakhulu leyo .Akungabibikho nolulodwa lwalokho !  

Futhi ngakube siyabona yini ukuthi lomyalelo uNkulunkulu uwuthatha serious kakhulu ngangokuthi athi uma singamlaleli kuwo ngomkethu ,imikhuleko yethu akayikuyizwa .

madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu

owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo[elinye itoliko lithi nibanike inhlonipho]!

Lamazwi ahlabe alumela emadodeni kodwa yazi ukuthi umkhuleko usemqoka ngakho asingavumi ithiywe imikhuleko yethu ngesingakulungisa.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.