... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukufana No-Ludwig Beethoven

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaPhethru 4:10,11 Nikhonzane, kube yilowo nalowo ngesipho asiphiweyo njengabaphathi abahle bomusa omninginingi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.

Listen to the radio broadcast of

Ukufana No-Ludwig Beethoven


Download audio file

Imvamisa iziphiwo uNkulunkulu azaluka ezimpilweni zethu,siyaba nazo kodwa umhlaba ungazigqizi qakala kwesinye isikhathi  ungaziboni kwakuzibona .Oku-worse engikholwa nawe sewuke wabhekana nakho ngukuthi umhlaba uvese ukunqabele kwakhona ukuthi uzisebenzise leziphiwo owaziphiwa nguNkulunkulu . 

Kunomculo owayecula umculo wezothando eminyakeni eminingi edlule . Igama lakhe ngu Ludwig. Okwathi ekulesiphiwo sakhe sokucula wavese wangabe esezwa ezindlebeni ,qede wasetshelwa ukuthi akaxolise inhliziyo ngeke esakwazi noku composer umculo .

Kodwa ngakube wake walalela yini uLudwig? Lutho sanhlobo .Kunalokho wa-composer umsebenzi omningi emva kokuba engasezwa ezindlebeni .Ngesikhathi umsunguli we-Christianityworks  enquma ukushiya  i- IT consulting career yakhe eyabe imkhokhela kahle kakhulu ,baningi kakhulu abamkhuza bethi uyageja manje akangayithathi lendlela . 

Uyabona abanye abantu kwesinye isikhathi ngeke bakwazi ukubona ubizo lukaNkulunkulu ezimpilweni zethu .Abaluboni sanhlobo ,kodwa wena mnikazi wobizo uyalubona .Uyasazi isipho asibeke kuwe ukusisebenzisa. Uyakulangazelela ukuba yilo lolubizo …ukululandela .Ngoba …

1 EkaPhethru  4:10,11Nikhonzane, kube yilowo nalowo ngesipho asiphiweyo njengabaphathi abahle bomusa

omninginingi kaNkulunkulu;  uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu;

uma umuntu ekhonza, makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe

kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.

Ungavumi ubuthuntu bamehlo abanye abantu bukukhalime ukufeza ubizo uNkulunkulu alubeke empilweni yakho .Hamba uyoba yilokhu uNkulunkulu akudala wakubiza ukuba ube yikho Shlobo sami . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.