... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngakube Luyakhula Ukholo Lwakho ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseThesalonikha 1:3 Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu, nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula,

Listen to the radio broadcast of

Ngakube Luyakhula Ukholo Lwakho ?


Download audio file

Manje ngakube wazi kanjani ukuthi ukholo lwakho kuNkulunkulu luyakhula noma cha ? Ngakube luwela emumva ,kumbe lumi ndawonye ,kumbe luhlabela phambili?  Sikali sini okala ngaso ukholo lwakho?

UPhawuli umphostoli wabhala cishe okungaba yingxenye yonke yezincwadi esizibiza ngeThestamente Elisha . Ziza kithi njenge ‘zincwadi’ ezazibhalelwe amabandla awaqalile kumbe lawo ayefuna ukuwavakashela .

Ngenxa yalokho ziqala ngesibingelelo esifudumele kamnandi ,njengalesi sebandla lase Thesalonikha okuyindawo elaphaya neNyakatho nezwe namhlanje esilibiza ngeGreece .

2 KwabaseThesalonikha  1:1-3 OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu, uBaba wethu,

naseNkosini uJesu Kristu: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu. Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba

inkolo yenu iyanda kakhulu, nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula,

Kulula ukudlula ungazinaki lezibingelelo ,kodwa sikwenza lokho ngokuzilahlekisela thina ngoba ziqukethe amaqiniso anqala ;njengalesi lakhona uPhawuli esixhuma nokukhula kokholo lwabo ,nothando lwabo komunye nomunye  . 

Ukuthanda labobantu abangemnandi abasizungezile ,kwesinye isikhathi kungengebe yinto ethokozelekayo ukuyenza .Kodwa ngesikhathi sifunda ukubathanda ,ngenkambo yethu,ngamazwi ethu nangendlela esibaphatha ngayo ,kusikhathi sinye  siveza ukujula kokholo lwethu kuJesu .

Uthando yisona sikali lesi esikala ngaso ukholo lwethu . 

Ukukhula okholweni lwethu akulethi isibusiso kithi kuphela kodwa nakwabaningi abasizungezile .

Futhi  yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.